Likhalelwe ezakwadalawane isoka likaTshegofatso Pule

Everson Luhanga

Ngosuku umsolwa ongumbulali kaTshegofatso Pule atholakala enecala ngalo futhi wagwetshwa iminyaka engama-20 ebhadla ejele, amaphoyisa abopha isoka lalowesifazane owayekhulelwe eneminyaka engama-28 owabulawa kabuhlungu ngoNhlangulana ngowezi-2020.

Lowo owalahlwa yicala lokubulala uTshegofatso, uMuzikayise Malephane, uwavumile amacala amane abhekene nawo nobufakazi obuningiliziwe benkantolo ephakeme yase-South Gauteng.

UMuzikayise utshele inkantolo ukuthi owayeyisoka likaTshego wamqasha ukuthi ambulale – ukufihla ukuthi uTshego ukhululelwe kunkosikazi wakhe.

UMuzikayise uthe lowo owayethandana noTshego uqale wamnikeza imali eyizi-R7 000 ukuthi abulale uTshego. Kodwa akalamukelanga lelo nani lemali.

Uthe ngokuhamba kwesikhathi isoka lakhuphula imali yafinyelela kweyizi-R20,000. Uthe wayebona sengathi imali incane kakhulu kodwa wavuma ukuthatha lo msebenzi – ngakho wambulala.

UMuzikayise uthe wadubula uTshego ngenhlamvu eyodwa wabe esemlengisa. Wayenezinyanga eziyisishiyagalombili ekhulelwe ngesikhathi sokushona kwakhe.

Lokhu kungemuva kokuba imizamo yokumlengisa ngaphansi kwebhuloho eliphithizelayo e-Roodepoort yehlulekile. Ubulale uTshego e-Durban Deep, e-Roodepoort, entshonalanga neGoli.

Ekhuluma nabezindaba enkantolo, umalume kaTshego uTumisang Katake uthe bebelokhu besola ukuthi isoka lakhe linokuthinteka mayelana nokunyamalala kwakhe futhi kamuva nokubulawa kwakhe.

Okhulumela i-National Prosecution Authority esifundeni uPhindile Mjonondwane ukuqinisekisile kwabakwa-Scrolla.Africa ukuthi umsolwa uboshwe ngoLwesihlanu. Uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Roodepoort ngoMsombuluko.

Ukushona kukaTshego kwaqubula isikhalo ezweni futhi kwaphoqa uhulumeni ukuthi abeke phambili udaba lodlame olubhekiswe kwabesifazane (i-GBV).

UMongameli Cyril Ramaphosa uchaze i-GBV njengobhubhane lwesibili ezweni.

Izihloko zakamuva