Dylan Bettencourt
Ngesikhathi izwe lase-India libungaza umgubho wosuku lwenkululeko belinethemba lokuthi izingulule zasendle zizobuyela ezweni okokuqala eminyakeni engu-70.
Izingulule ezivela e-Afrika bekumele ziye e-India njengomgubho weminyaka engu-75 lelizwe lakhululeka ngaphansi kombuso wamakoloni ase-Britain.
Kodwa-ke, izingwe okuyizilwane ebezithukuthele ziye zangena endaweni ebiyelelwe izingulule zisongela ukubuya kwesilwane esishesha kakhulu.
Izingulule eziyisishiyagalombili zisazofika e-India ngaphambi komgubho wangoMsombuluko ozayo, kodwa abaqaphi endaweni yokulondoloza izilwane zasendle e-Kuno National Park bekufanele bakhiphe izingwe ngaphambi kokuba izingulule zibuye.
Izilwane eziyisithupha zigasele endaweni ebiyelwe obekuzobanjelwa khona izingulule. Abasebenzi bakulesi siqiwu bakwazile ukucupha futhi bathulise izingwe ezintathu.
Kodwa-ke izingwe ezintathu ezisele azibambeki kalula.
U-Amritanshu Singh ophethe indawo ebiyelwe ukhathazekile ngalokhu.
“Izicupho zamakhamera zisikhombisa indlela izilwane eziyithathayo nokuthi zikuphi. Sicuphe izicupho ezingasilimazi isilwane safaka nama-alamu asitshela ukuthi zingaphakathi.
“Ngemuva kokuzehlisa umoya, singazithuthela kwenye ingxenye yepaki,” kusho uSingh ngokwe-The Times.
Wengeze ngokuthi uma ipaki ingakwazi ukususa lezi zilwane ezisele ezimbili kungase kudingeke zihlale ndawonye.
“Uma singazikhiphi izingwe ezisele ngeke kube inhlekelele. Izingwe zase-Afrika ngokuvamile azizithandi izingulule ngakho-ke kungase kufane nakulezi zase-India, ngaphezu kwalokho,” kusho uSingh.
Izingulule zokugcina zase-India zazingelwa futhi zabulawa ngo-1952 kulandela iminyaka eminingana yokwehla kwenani lezilwane.
Isizwe sase-Asia safinyelela kwisivumelwano ne-Namibia eminyakeni yamuva nje ukubuyisela lesi silwane.
Ezinye izingulule kulindeleke ukuthi zithunyelwe e-India zisuka kuleli eminyakeni emihlanu ezayo kuze kube isibalo sezilwane sifinyelela ku-50.
Umthombo wesithombe: @DiscoverWildlife