Lihoxisiwe icala lomphathi weRed Bull Racing, uChristian Horner ngemuva kophenyo mayelana nezinsolo zokungaziphathi kahle kowesifazane asebenza naye
Isikhalazo sithi wenze okungafanele wazama ukumlawula, kodwa iRed Bull ithe uphenyo belunobulungiswa futhi uHorner uzowugcina umsebenzi wakhe.
UHorner ophathe iRed Bull kusukela ngo-2005, uphikile ukuthi kukhona akwenzile okungalungile. IRed Bull ese-Austria, ithe ofake isikhalazo angasiphikisa isinqumo.
IRed Bull ayizange iveze ukuthi lezi zinsolo zimayelana nani nokuthi baziphenye kanjani kodwa bathe ngeke bakhulume kakhulu ngalolu daba ukuze bahloniphe bonke abathintekayo.
Lolu phenyo luqale ngesikhathi izikhalazo zivezwa ngomhlaka-5 kuNhlolanja. IRed Bull ithathe amasonto ayisishiyagalombili ukubheka loludaba nokuyinto edonse ukunaka kweBahrain Grand Prix.
ULewis Hamilton ongumpetha womhlaba amahlandla ayisikhombisa uthe kubalulekile ukuthi uphenyo luthathelwe phezulu ukuze kugcinwe umdlalo uphephile futhi wamukelekile kuwo wonke umuntu.
IFord, ezosebenzisana neRed Bull kusukela ngo-2026 ayizange ijabule ngokuthi uphenyo luthathe isikhathi eside
Umphathi wakwaFord, uJim Farley uze wabhalela iRed Bull ecela ukuthi uphenyo lwenziwe ngokushesha.
UMax Verstappen ongumpetha weRed Bull, uthe uyakholelwa ezinhlelweni zophenyo.
IFormula 1 izoqala kule mpelasonto nge-Bahrain Grand Prix ngoMgqibelo kanti lokhu kuyingqophamlando njengoba kuzoba kungokokuqala ngqa i-Grand Prix ibanjwa noma ingaluphi usuku njengoba ijwayele ukuba ngeSonto
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Isithombe esingenhla: UChristian Horner.
Umthombo wesithombe: X