Lihlukene phakathi iqembu ngeyomqeqeshi omusha

Dylan Bettencourt

I-Manchester United kuthiwa ihlukane phakathi ngemuva kwezindaba zokuthi u-Erik ten Hag angahle abe ngumqeqeshi omusha weqembu. 

Kodwa-ke, ukuhlukana phakathi kweqembu kuyakhombisa ukuthi  izinkinga ze-United zingaphezu kokuthi ngubani ophethe iqembu.

Umbiko we-Manchester Evening News udalule ukuthi iqembu alinasiqiniseko sokuthi umphathi wamanje we-Ajax nguyena ofanele ukuhola iqembu.

Kodwa imibiko iveze ukuthi abadlali bebengeneme ngesinqumo seqembu sokufuna uMauricio Pochettino ngaphambi kokuthi baqale ukubheka uTen Hag.

Kuthiwa abadlali abajabulanga ngesikhathi iqembu le-Manchester liqoka uMqondisi webhola uRalf Ragnick njengomphathi wabo wesikhashana.

Kube nemibiko eyengeziwe yokuthi abadlali abaningi bebenganelisekile ngowayengumphathi u-Ole Gunnar Solskjaer ngaphambi kokuthi axoshwe.

I-United ibilokhu idonsa kanzima selokhu kwahamba uSir Alex Ferguson cishe eminyakeni eyishumi edlule futhi sekukaningi ifuna umqeqeshi ongavala izicathulo zaleli qhawe.

Kodwa izinkinga ze-United zakamuva zikhombise izimpawu zokuthi inkinga ayikho kumphathi, kunalokho kusuke kukhulunywa ngabadlali nokuthi ababinakho ukuthemba abaphathi.

Iningi labaphathi asebengene ngemuva kukaFerguson, abafana noJose Mourinho, uLouis van Gaal kanye noDavid Moyes bonke bakhishwe ngenxa yokungathokozi kwabadlali.

Njengoba sekusele imidlalo eyisishiyagalombili kuphela kwi-Premier League, ama-Red Devils asendaweni yesikhombisa ngamaphuzu angamashumi amabili nambili kwizimbangi zawo ezihola phambili kwiligi i-Manchester City. I-United isengcupheni yokungahlungeli ukudlala ibhola lase-Europe ngesizini ezayo.

Ukuthi lokho kwehlela kubadlali noma kubaphathi kusazodingidwa, kodwa lowo mdlandla wokulwela iqembu i-United eyake yaba nawo usuphelile ngempela.

Ngezinsuku zikaFerguson abadlali babedlalela amabheji ngaso sonke isikhathi – iqembu lamanje labadlali liphoqa ibhodi ukuthi zithathe izinqumo ngokuhambisana nemizwa yabo okuholela iqembu endleleni engafanele.

I-United yagcina ukuwina isicoco eminyakeni emihlanu edlule kanti uma u-ten Hag kunguyena ozokushintsha lokho, ibhodi kufanele limqoke ngaleyo ndlela yokuthi abadlali bamjabulela kangakanani.

Umthombo wesithombe: @TheIndependent

Izihloko zakamuva