Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Ubaba kaDkt Nandipha Magudumana uCornelius Sekeleni kanye nalowo owayesebenzela inkampani ye-G4S uSenohe Matsoara bathweswe amacala okubulala, ukushisa, ukuphula umthetho nokukhwabanisa.
Laba bobabili bamataniswa necala elithinta ukweqa kukaThabo Bester ejele owalahlwa icala lokudlwengula kanye nokubulala. UBester weqa ejele ngemuva kokuqamba amanga ngokushona kwakhe nyakenye esizwa uMagudumana, okusolakala ukuthi ungunkosikazi wakhe ngokwesintu.
USekeleni noMatsoara bavele eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngoLwesibili kulandela ukuboshwa kwabo ngempelasonto.
Umshushisi utshele iNkantolo ukuthi bavumelene nabammeli ngecala labo ukuthi lihlehliselwe ibheyili ngomhlaka-17 kuMbasa.
INkantolo ibihanjelwe kakhulu ngabezindaba.
Ubaba kaNandipha ubegqoke ijezi elinesigqoko elikuhlaza okwesibhakabhaka eshefile kanti owake waba umsebenzi we-G4S ubegqoke i-top empunga efudumele.
UBester uboshwe e-Arusha, e-Tanzania ngoLwesibili kulandela ukweqa kwakhe esitokisini ngonyaka odlule.
Oweqile ubehamba nentombi yakhe uNandipha nongowase-Mozambique ngesikhathi eboshwa.
Khonamanjalo, iziphathimandla zakuleli eziye e-Tanzania zimatasatasa ukubuyisela laba ababili ababoshiwe kuleli.
Isithombe esingenhla: Ubaba kaDkt Nandipha uCornelius Sekeleni kanye nowayeyisisebenzi se-G4S, uSenohe Matsoara
Umthombo wesithombe: I-Twitter