Everson Luhanga
Icala lowesilisa osolwa ngokubulala abadayisa ngomzimba abayisithupha liye lahlehliswa ngesikhathi evela okokuqala enkantolo.
Umsolwa (21) uvele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesibili ngesikhathi izinhlangano ezilwela abadayisa ngomzimba zibhikisha ngaphandle kwenkantolo.
Kusolakala ukuthi umsolwa utholwe nezidumbu eziyisithupha ebeseziqala ukubola endaweni yokukhanda izimoto esenkabeni yeGoli ngeSonto ebusuku.
Ngemuva kokubambezeleka isikhathi eside ngenxa yemibhikisho ebingaphandle kwenkantolo ephikisana nokuhlukunyezwa nokubulawa kwabadayisa ngomzimba, ukuqulwa kwecala kuphinde kwabambezeleka.
Kulokhu inkantolo ivimbe abezindaba ukuthi bathathe izithombe zikamsolwa.
IMantshi uBetty Khumalo utshele abezindaba nabanye abantu abebesenkantolo ukuthi abavunyelwe ukuthatha izithombe namavidiyo ngamakhamera noma ngomakhalekhukhwini.
Inkantolo iphinde yenza ukuthi zonke izikhungo zabezindaba zisayine isivumelwano sokuthi ngeke zikhiphe izithombe zomsolwa njengoba kuzobe kungavunyelwe ukuthi adalulwe.
Ngesikhathi isivumelwano sesisayiniwe ukuqulwa kwecala kuye kwaqhubeka.
Eboshwe ngamaketanga emaqakaleni futhi ezimboze ubuso, umsolwa ungene eshaya kancane enkantolo egcwele abantu besifazane abebethi nabo bayizisulu zakhe.
Kuthathe cishe imizuzu engu-20 ngaphambi kokuthi kumenyezelwe ukuhlehliswa kwecala.
Lo mlisa ubebukeka ezacile futhi emude kancane.
Ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo, okhulumela i-National Prosecuting Authority eGoli uPhindile Mjonondwane uthe okwamanje umsolwa ubekwe icala elilodwa lokubulala.
“Njengoba kuqhubeka uphenyo angase amataniswe namanye amacala amahlanu okubulala,” kusho uMjonondwane.
Usho lokhu yize isitatimende samaphoyisa esikhishwe ngoMsombuluko ekuseni siqinisekisa ukuthi umsolwa ubhekene namacala ayisithupha okubulala kanti icala lizophenywa ngokwezinga lesiFundazwe.
Abanye babantu abebengaphakathi enkantolo ngabesifazane abathe nabo bayizisulu futhi bake bahlukunyezwa umsolwa.
Icala lihlehliselwe umhlaka-18 kuMfumfu ukuze kuqhutshekwe nophenyo lwamaphoyisa.
Isithombe esingenhla: Iqembu liyabhikisha.
Umthombo: Everson Luhanga