Everson Luhanga
Abasolwa abangu-14 abasolwa ngokudlwengula abesifazane abayisishiyagalombili ababeqopha ifilimu e-Krugersdorp bavele enkantolo ngoLwesithathu.
Ngaphandle kwenkantolo bekugcwele izinkumbi zabesifazane bamabandla ahlukene akhelene ne-West Rand abatheleke ngamatekisi.
Abasolwa bangene eNkantolo yeMantshi yase-Krugersdorp ngezithuba zehora leshumi ekuseni kodwa abekho abezindaba noma amalungu omphakathi abavunyelwe ukungena ngaphakathi enkantolo ngoba omunye wabasolwa usemncane ngeminyaka.
Abezindaba kanye namalungu omphakathi abezokweseka izisulu batshelwe ukuthi icala lihlehliselwe umhlaka-28 kuLwezi ukuze kuqhutshekwe nophenyo kanye nokuhlolwa kolibofuzo.
Ukuhlehliswa kwecala akuzange kwamukelwe amalungu omphakathi athe uhlelo lwezobulungiswa aluzicabangeli izisulu.
Okhulumela i-ActionSA esifundeni saseGoli uKarabo Manyama ugxeke inkantolo ngokungabavumeli abezindaba ukuthi bangene ngoba, uthi kuyinhloso yesizwe ukuzwa okwenzekayo kuleli cala.
IPhini likaNobhala-Jikelele we-Economic Freedom Fighters uPoppy Mailola, uthe i-EFF izobhalela i-NPA ibuze ukuthi kungani abezindaba nomphakathi bengavunyelwe ukungena enkantolo.
UMailola uthe abesifazane babona sengathi izinkantolo azibacabangeli njengoba bengayiboni inqubekela phambili kuleli cala.
“Sivakashele ezinye zezisulu futhi sizovakashela ezinye ezinsukwini ezizayo.”
Uthe kuwahlukumeze kakhulu amalungu emindeni yezisulu nawo abengavunyelwe ukungena enkantolo.
Amalungu e-EFF kanye nawe-ActionSA ahlanganyele ndawonye nezalukazi ebezigqoke izingubo zesonto zicula ngaphandle kwenkantolo.
Ilungu lebandla uPhumla Mtiya uthe emabandleni amadoda kumele ahole impi yokulwa nokuhlukunyezwa ngokobulili.
Iqembu iningi lalo okungabesifazane, belinomyalezo owodwa obhalwe ezingqwembeni zalo: “abanandawo emiphakathini yethu abahlukumeza ngokobulili.”
Ngemuva kokuthi iqulu labavukuzi abangekho emthethweni lidlwengule abesifazane ababeqopha ifilimu ngoNtulikazi, amakhulu abavukuzi abangekho emthethweni baye baboshwa emasontweni alandelayo. Ukuhlolwa kolibofuzo kumatanise abesilisa abangu-14 ababoshiwe naleli cala.
Selokhu kuboshwe abasolwa, amaphoyisa ase-West Rand aseqinise umkhankaso wawo wokulwa nobugebengu obubucayi. NgoNcwaba, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ubize imbizo e-West Village.
Sekuneminye imikhankaso eminingi eyenze ukuthi kuboshwe abantu abaningi ikakhulukazi abavukuzi abangekho emthethweni, kushaqwe nemishini yabo kwashiswa kwaphinde kwacekelwa phansi izindawo abebesebenzela kuzo.
Isakhamuzi u-Anna Moja uthe kunokuthula endaweni njengoba amaphoyisa elokhu eqaphe imini nobusuku.
“Sizizwa siphephile njengoba amaphoyisa enze isiqiniseko sokuthi abavukuzi abangekho emthethweni bayasuswa emphakathini.”