Sandiso Phaliso
Iphoyisa elaliphelezela iloli elaligcwele ugwayi ongekho emthethweni obiza u-R500 000 ligwetshwe iminyaka eyisithupha eNkantolo yesifunda yase-Mitchell’s Plain ngoLwesithathu.
UJerome Claude Hendricks ubesesebenze iminyaka engu-25 njengephoyisa ngesikhathi ephelezela iloli elalithwele ugwayi ongekho emthethweni lisuka eGoli liya eKapa ngo-2011 ukuze akhokhelwe.
UHendricks wabanjwa ngemuva kokuthi amaphoyisa alunywe indlebe. Imoto yakhe i-Golf yayifakwe izinhlabamkhosi zamaphoyisa kanti wayegqoke umfaniswano wamaphoyisa ophelele ephethe isibhamu somsebenzi ngesikhathi amaphoyisa embopha.
Umsolwa wesibili, inkantolo eyalele ukuthi engadalulwa igama ngemuva kokuphenduka ufakazi wombuso, utholwe emsulwa ngemuva kokwethula ubufakazi ngoHendricks.
Kwashaqwa iloli elalithwele izinto ezingekho emthethweni – kanjalo ne-Golf kaHendricks.
NgoNhlangulana uHendricks ulahlwe icala lokutholakala nempahla engekho emthethweni, elokwephula umthetho nelokwephula umthetho we-Tobacco Products Control Act.
Ngesikhathi ethula isigwebo enkantolo ebigcwele amalungu omndeni kamsolwa, iMantshi uMary Jwacu ithe uHendricks bekumele azi kangcono ngoba useneminyaka engu-25 eyiphoyisa futhi umphakathi ubumethemba.
“UHendricks wayenomsebenzi wokugcina umthetho kodwa wazifaka ezenzweni zenkohlakalo. Kuyicala elibomvu futhi isigwebo kufanele silingane necala,” kusho imantshi uJwacu ngesikhathi ikhipha isigwebo.
UHendricks wayengekho emsebenzini ngesikhathi eboshwa futhi wafaka izinhlabamkhosi zamaphoyisa emotweni yakhe.
Waboshwa kwisivimbamgwagqo ngemuva kokuthi amaphoyisa elunywe indlebe e-Beaufort West.
Ngesikhathi kuqulwa icala enkantolo kuvele ukuthi uHendricks wayesebenzisana nethimba lokuthutha impahla ngenkokhelo ka-R8 000.
IMantshi uJwacu ithe ukuthi uHendricks ubengekho emsebenzini ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko kunomthelela ekugwetshweni kwakhe ngecala alenza.
Uthe ucabangele izimo zomuntu siqu zikaHendricks, uhlobo lobugebengu kanye nentshisekelo yomphakathi uma ekhipha isigwebo.
Lowo owayeyiphoyisa wesula ngo-2017 ngesikhathi amaphoyisa akwa-SAPS esamatasa nokumthathela izinyathelo zokumqondisa izigwegwe.