
Everson Luhanga
Ligwetshiwe iphoyisa elaqamba amanga lathi lashona ngo-2017, libe liphila ebeliqola abantu lizenza umhloli waseMnyangweni wezabaSebenzi.
Icala likaPrebly Linda Nyamakazi lifinyelele esiphethweni ngesonto eledlule lapho egwetshwe iminyaka engu-11 esejele ngamacala okubamba inkunzi, ukuthumba, ukweba, ukuzenza umhloli wezabasebenzi.
Nansi incazelo yokuthi owayeyiphoyisa wavuka kanjani kwabafileyo ukuze abe umkhohlisi.
Amarekhodi oMnyango wezaseKhaya athi uNyamakazi washona ngonyaka ka-2017 wangcwatshwa amakhaza ase-Hillbrow eGoli.
Kodwa umufi owayeyiphoyisa” selokhu enze uchungechunge lwamacala ezingxenyeni ezahlukene zezwe, ikakhulukazi e-Benoni, e-Ekurhuleni, lapho kade ezenza umhloli woMnyango Wezabasebenzi.
UNyamakazi waboshwa izikhathi eziningi kulandela ukuphuma kwakhe embuthweni wamaphoyisa ngonyaka ka-2006, okuhlanganisa nokugwetshwa iminyaka eyishumi ngonyaka ka-2011 ngamacala okukhwabanisa nokweba phakathi kwamanye amacala.
Waboshwa futhi ngonyaka ka-2019, kodwa ngalesi sikhathi amaphoyisa abengazi ukuthi uNyamakazi ungubani futhi ayecabanga ukuthi mhlawumbe ulele emakhazeni ase-Hillbrow.
Kodwa ngesikhathi ephinda eboshwa ngo-2020 ngokuzenza umhloli wezindawo zokudlela, uphenyo olwenziwa uphiko lwe-Gauteng Provincial Organised Crime lwaveza ukuthi wayengubani ngempela.
UDetective Sergeant Philemon Mmatli ovela ophikweni lwamaphoyisa esifundazweni i-Gauteng usenza uphenyo. Uthe indlela yokusebenza yalowo owayeyiphoyisa iyafana emacaleni amaningi.
“Ubeya kubanikazi bezindawo zokudlela acele uhlu lwabasebenzi bazo, uma ethola ukuthi abanye abantu abaqashiwe akubona abaseNingizimu Afrika, afune izimvume zokuqashwa ezifakazela ukuthi baqashwe ngokusemthethweni.
“Ngemuva kwalokho usabisa ngokuthi bazoboshwa abanikazi bezitolo uma bengakhokhi inhlawulo ephakathi kuka-R50 000 no-R80 000,” kusho umseshi uMmatli.
Uthe umsolwa ujwayele ukusabisa izisulu zakhe njalo ngoLwesihlanu. Futhi ngenxa yokwesaba ukuthi bazovalelwa impelasonto yonke, izisulu zazivame ukumkhokhela.
“Sithole ukuthi kunamacala amaningi abikwe eziteshini zamaphoyisa ezahlukene. Amavidiyo amaningi ezitolo ezahlukene aveze ukuthi bekuyindoda eyodwa,” kusho umseshi uMmatli.
Umseshi uMmatli uthe uNyamakazi akakaze atholakale ngoba ubejwayele ukulishintsha igama lakhe njalo uma evela enkantolo. Wayengenawo umazisi ngoba waqamba amanga ngokufa kwakhe.
UNyamakazi uhlelelwe ukuthi abuyele eNkantolo yeMantshi yase-Randburg ngomhlaka-31 kuMasingana ukuze aquliswe icala kanye namanye amacala asolwa ngawo.