Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Imizamo yokunqanda abantu abasebasha emigwaqeni iholele kwimpumelelo yabadansi abayisishiyagalolunye besipantsula baseTembisa, e-Ekurhuleni asebeyizihlabani zamazwe ngamazwe.
Iqembu lomdanso wesipantsula iTembisa Red Devils lizobhekisa amabombo e-Turkey ukuyocobelela ngolwazi lokudansa ezindaweni zeshashalazi zase-Turkey izinyanga eziyisishiyagalolunye.
Umsunguli weqembu uFrans Makhubela uthe eminyakeni engu-12 edlule wanquma ukusungula leli qembu ngenhloso yokususa intsha ebugebengwini, nokuyivikela kwizidakamizwa nokukhulelwa isencane.
“Siqale siyiqembu elinamalungu amane, sidansa ezindaweni ezahlukene kubalwa, namarenki amatekisi.”
“Izakhamuzi bezilithanda ithalente lethu futhi bezinikela ngemali. Lokhu kwasigqugquzela ukuthi sisebenzele ubuciko bethu.”
Izimali ezitholakala bezibhekelela ukuthenga imifaniswano yeqembu kanye nezindleko zokuhamba njengoba belingenele imiqhudelwano yamazwe ngamazwe.
Ngaphambilini leli qembu likhombise ithalente lalo eMelika nase-France. Bafinyelele kwabayisithupha abahamba phambili ohlelweni lukamabonakude lwe-France Has Talent ngo-2019.
UMakhubela (31) uthe baqhudelane namaqembu amaningi abevela emazweni ahlukene kanti ibanga asebelihambile liyingqophamlando emdansweni.
Okunye ukuphumelela kwabo kuvele ngesikhathi beqokwa njengabadle umhlanganiso ku-2020 Best Dance Group kwi-The Zikomo Africa Awards, e-Zambia.
“Sihlukile futhi sisazozibonakalisa emhlabeni wonkana ngoba siyaqhubeka nokuzithuthukisa ukuze sihlale sibalulekile.”
“Sithuthukisa izitayela zethu bese sifaka nezinye izitayela zokudansa zesipantsula.”
Uthe iphupho leqembu ukuvula isikhungo somdanso eTembisa ukuze baqeqeshe futhi bacobelele intsha yakule ndawo ngamakhono abo.
Isithombe esingenhla: ITembisa Red Devils
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe