Lubhalwe nguSihle Mavuso
I-ANC KwaZulu-Natal isixoshe uMnuz Sibonelo Maphumulo kuMasipala waseMzumbe esikhundleni sokuba yikhansela le-ward, nokuvule indlela yokubanjwa kolunye ukhetho lokuchibiyela oluzodala ukungqubuzana ne-IFP.
NgoLwesine, uNobhala we-ANC eKZN uMnuz Bheki Mtolo, ubhalele uNandi Dlamini oyibamba lomphathi kamasipala eMzumbe emtshela ukuthi uMaphumulo uxoshiwe njenge khansela lenhlangano ku-Ward 11.
Ukuxoshwa kukaMaphumulo kuza ngemuva kokuthi i-ANC imemezele ngenyanga edlule ukuthi usexoshiwe njengoSomlomo woMkhandlu waseMzumbe. I-ANC imsola ngokwakha isicagogwana sakhe nokudelela imiyalelo yeqembu ezintweni ezihlanganisa ukuvota.
Lokho kwenzeke ngemuva kokuthi uMaphumulo engalaleli isikhulu ebesisolwa ngenkohlakalo. UMaphumulo uphinde wasolwa ngokuhlinzeka ngezokuthutha abalandeli ukuba beyobhikisha emahhovisi e-ANC esifundazweni eThekwini.
Wawaphika wonke amacala kodwa watholakala enecala wabe esexoshwa.
Ukuxoshwa kukaMaphumulo njengoSomlomo kuhlukanise phakathi amakhansela eqembu – amanye acheme naye kanti amanye acheme neqembu ebelijwayele ukubhikisha ngaphandle kwamahhovisi kamasipala.
UMtolo utshele uDlamini encwadini yakhe ukuthi i-Independent Electoral Commission (IEC) kufanele yaziswe ukuthi kunesikhala ku-Ward 11 njengoba “ukuxoshwa kukaMaphumulo… kusho ukuthi ngeke esakwazi ukusebenza njengomele umphakathi egameni le-ANC…”
Okhulumela uMasipala waseMzumbe, uMnuz Sabelo Ncwane, ukuqinisekisile ukuthi uyitholile incwadi kaMtolo.
Lo masipala okhungethwe yizinxushunxushu ubhekane nengwadla kwezombusazwe ngoLwesihlanu ngesikhathi kuhleli umkhandlu lapho okukhishwe khona iMeya ye-ANC, uMnuz Bongani Nyuswa kwakhethwa uMnuz Mlungisi Ndlovu we-IFP ngaphandle kokuphikiswa.
Kodwa-ke, lo mhlangano ufana nongekho njengoba amakhansela e-ANC ethi ubizwe ngokungemthetho.
Osesithombeni esingenhla: USibonelo Maphumulo.
Umthombo wesithombe: X