Ligcine lifezekile iphupho lokulingisa likagogo (96)  

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ekugcineni ugogo Tshinakaho Mananga ulifezile iphupho lakhe lokuba umlingisi wakumabonakude.

Lo gogo (96) ohola impesheni wasesigodini sase-Thenzhani uvele emdlalweni wochungechunge odumile we-Tshivenda, i-Muvhango edlala indawo “kaVho-Nyadzanga” ukhokho oyilungu eliphezulu ebukhosini.

Uqale ukubonakala kumabonakude ngesikhathi ehleli phezu kwesihlalo sobukhosi esigodlweni futhi ezethula kumlingisi uLindelani ofikelwa uvalo olukhulu.

Uba ngumeluleki omkhulu kaLindelani ukuze amsize ekubeni nguVho-Nyadzanga omusha.

UVho-Nyadzanga noLindelani baqala ngonyawo olungalungile ngobudlelwano obuqhutshwa ukwesaba. Kodwa njengoba kuqhubeka lolu hlelo uLindelani uyalwamukela ubizo lwakhe olumangaza imindeni.

UMananga utshele i-Scrolla.Africa ukuthi wayephila impilo ejwayelekile nomalokazana wakhe nabazukulu bakhe ngaphambi kokuthi aqashwe ukuzolingisa  ku-Muvhango  oqoshelwa e-Venda.

“Ngathandazela ukuthi uMuvhango ungibize ngendima engizoyidlala ngoba kade ngangifisa ukuba umlingisi kodwa ngingazi ukuthi ngikhulume nobani ukuze leli phupho lifezeke.

“Ngiye ngajabula ngesikhathi umdidiyeli walo mdlalo engitshela ukuthi ngiqashiwe nokuthi yimina okulungele ngokuphelele ukudlala le ndawo,” esho.

Lo mlingisi uthe ukuphumelela kwakhe kusebenza njengesikhumbuzo sokuthi ayikho iminyaka ebekelwe ukufeza iphupho.

“Uma usulitholile ithuba yenza konke okusemandleni akho futhi ungenzi okuncane!”

Ugogo Mananga ukhanga wonke umuntu ngothando lwakhe nokuziphatha kwakhe, futhi uyaphumelela endimeni yakhe.

Yize ehola impesheni engakwazi ukufunda nokubhala, uthembele kwi-ejenti yakhe yokulingisa uNonkululeko Ndlovu kanye nabalingisi abangozakwabo ukuthi bamsize ngokumele akusho.

UNdlovu uthe ugogo uMananga “ungumuntu wemvelo” kanti ubamba kalula imigqa yakhe futhi wenza kahle endimeni yakhe.

Esithombeni esingenhla: UTshinakaho Mananga

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva