Ligaya ngomunye umhlathi kumasipala wase-Newcastle njengoba usumise abaphathi abathathu

Celani Sikhakhane

Kumiswe abaphathi abathathu kumasipala wase-Newcastle ngemuva kwezinsolo ezibucayi zenkohlakalo ezibhekiswe kubona.

Izinsolo zibandakanya ukuhoxiswa kwezivimbamgwaqo ezenzeka njalo ngoZibandlela.

Lokhu bekusho ukuthi abashayeli abaphuzile, abahamba ngesivinini esiphezulu kanye nabaphula umthetho emgwaqeni e-Newcastle bebeshayela ngaphandle kokumiswa amaphoyisa emgwaqeni.

UMnu uMelusi Ndima ongumphathi usolwa ngokuzama ukuphoqa umphathi kamasipala ukuthi asebenzise imali yabakhokhi bentela ukuthengela imeya izipho zikaKhisimusi.

Kuthiwa wakhipha umyalelo wokuthi kuhoxiswe izivimbamgwaqo ngokungekho emthethweni ngemuva kokunganyuselwa umholo.

Laba baphathi abathathu baqokwe ngoZibandlela ngemuva kokhetho lohulumeni lwendawo lwangomhlaka-1 kuLwezi.

Umphathi kamasipala uVish Govender uqinisekise i-Scrolla.Africa ukuthi ubanikeze izincwadi zokubamisa ngoMsombuluko.

UNdima usolwa ngokuhlukumeza abasebenzi nokubaphoqa ukuthi bakhuphule umholo wakhe ngoZibandlela.

UDudu Molefe, naye ongumphathi kamasipala usolwa ngokuletha iziqu zakhe ezinezinombolo zikamazisi ezimbili ezahlukene.

Usolwa nangokufihla ukuthi wake wabhekana nokuqondiswa kwezigwegwe waze wakhushulelwa esikhundleni ngokudukisa amalungu ekomidi eliphezulu.

Owesithathu nguNkosi Ndlovu osolwa ngokuzenza umphathi wedolobha ngesikhathi kunomhlangano we-exco.

UGovender uthe lezi zinsolo zibucayi kakhulu futhi bafuna ukukhombisa noma ngubani ofuna ukwenza inkohlakalo ukuthi akwenziwa lokho e-Newcastle.

“Ngibathumelele izincwadi ezithi banamahora angu-48 okuphendula ukuthi kungani kungamele bamiswe kumasipala, ngibikele nemeya ngokuziphatha kwabo ikakhulukazi umphathi wehhovisini lakhe othumele imeyili efuna kunyuswe umholo wakhe. wenza sengathi imina obhale leyo imeyili,” kusho uGovender.

“Babhekene namacala okungaziphathi kahle kanti bamisiwe emsebenzini ngokushesha.”

I-Scrolla.Africa ayikwazanga ukuxhumana noDudu Molefe, uNkosi Ndlovu kanye noMelusi Ndima mayelana nokumiswa kwabo.

Izihloko zakamuva