
Nkhensani Mthombeni
UHlulani Baloyi ungene ohlelweni oluthathe inyanga yonke lama-graduate e-Dubai ngonyaka ka-2015 wafike lapha wamangazwa ukudla okuhlukene, izilimi ezehlukene, inkolo namasiko ahlukene.
Impela le ntokazi yayikuthanda ukuvakasha emazweni.
UHlulani, owazalwa wakhulela e-Malamule, e-Limpopo, nowaphinde wathuthela ePitoli eneminyaka engu-16, wayenongqozi lokufuna ukubona umhlaba.
“Kungaleso sikhathi lapho ngazifakela inselelo yokuthi ngothi sengineminyaka engu-30 ngobe sengibone amazwe angu-30,” kusho uHlulani.
“Ukuhamba kucishe kufane nokufunda esikoleni sempilo. Lapho uhamba khona kakhulu uzivulela amathuba amaningi okufunda ngezinto ezahlukene.”
UHlulani utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi ehamba amazwe ngamazwe ebona umhlaba, ilapho akwazi khona ukuzifunda uqobo lwakhe.
Uthe ubuyena wakufunda esethempelini e-Sri Lanka emazweni ase-Middle Eastern ngesikhathi ebona ukuthi umphakathi wama-Sulumane uzinikele kangakanani ekukhonzeni.
UHlulani, osezinze e-Austria osebenzela enye yezinkampani ezinkulu ze-ICT emhlabeni, uthi kunamazwe amathathu ayigugu kuye.
“Uma nginganikezwa ithuba lokuphinde ngivakashele lamazwe, indawo yami yokuqala bekuzoba ise-Mozambique ukuze ngithole isinkwa sakhona nokudla kwakhona i-seafood ,” kuchaza uHlulani.
Ngidlulele e-Jordani ngiyobuka izakhiwo ezimangalisayo zakudala ngidle ne-shawarma emnandi.
Uthe indawo yakhe yokugcina angabuyela kuyo ise-Mexico.
“Abantu banesiko eliyingqayizivele kanye nezidlo ezingcono kakhulu emhlabeni. Anginandaba nokuchitha izinsuku zami ngidla ama-taco, ama-burritos nama-churros, ” kusho uHlulani.
Ngonyaka ka-2016 waqokwa njengomunye wabesifazane abangu-60 abashintsha ezobuchwepheshe ohlelweni lwemiklomelo yaminyaka yonke kanye nohlelo lwezinga lwabaphumelele eNingizimu Afrika.
Uphinde abe ingxenye ye-Xitsonga Language Foundation futhi uqhuba uhlelo lokufundisa abafundi bebanga likamatikuletsheni nomngani wakhe uKgomotso Mhlambina.