Menzi Magubane
Isifiso sikaNeymar bekuwudlala ne-Argentina kaLionel Messi kowamanqamu e-Copa America kanti leso sifiso sizofezeka kule mpelasonto.
“Ngiyayifuna i-Argentina, ngibalindele. Nginabangani kulelo qembu futhi kowamanqamu i-Brazil izonqoba,” kusho uNeymar ngemuva kokuthi i-Brazil ihlule i-Peru ngo-1-0 ngoMsombuluko ebusuku ukuze ifinyelele kowamanqamu.
NgeSonto e-Maracana Stadium, iBrazil engabasingathi izobhekana nezimbangi zayo ezinolaka okungaba yithuba lokugcina likaMessi lokuwina indebe ne-Argentina.
NgoLwesibili ebusuku, i-Argentina inqobe ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenalthi ngemuva kokushaya i-Colombia emdlalweni ophele ngo 1-1.
I-Brazil yagcina ukudlala ne-Argentina kowamanqamu e-Copa America ngowezi-2007, ngesikhathi i-Brazil inqoba ngo 3-0 e-Venezuela. Umdlalo wangeSonto phakathi kwalezi zimbangi ezinkulu uzothokezelwa ngabaningi abangathathi hlangothi.
Lo mdlalo wamanqamu awuzukuba nje phakathi kwamaqembu amabili angahlulwa kulo mqhudelwano, kodwa futhi kuzobe kunguqhude manikiniki kubadlali benombolo ye-10 abahamba phambili kulo mdlalo uNeymar noMessi. Kuze kube manje laba bobabili bebezimisele njengoba uNeymar eshaye amagoli amabili waphinde waba wusizo ekushayweni kwamathathu.
Njengamanje uMessi nguyena ohola phambili ngokushaya amagoli kulo mqhudelwano enamagoli amane awashayile namahlanu asize kuwo.
Ngemuva komdlalo wangoLwesibili lo mdlali oneminyaka engama-34 ubudala ubhale ezinkundleni zokuxhumana wathi: “Ngiyaziqhenya futhi ngijabule ukuba kuleli qembu. Kufezwe enye inhloso … Ngiyabonga uNkulunkulu ngokuqhubeka unginike lezi zikhathi. Ngamukela inkazimulo.”
UMessi unqobe konke okumele akunqobe neBarcelona kodwa akaze anqobe lutho ne-Argentina, abahlose ukunqoba isicoco sokuqala esikhulu selokhu kwaqala i-Copa America ngowezi-1993.
I-Brazil iyona ompetha futhi inethuba lasekhaya emqhudelwaneni obekufanele ubanjwe ngokubambisana phakathi kwe-Argentina ne-Colombia.
I-Colombia iphucwe amalungelo okusingatha ngenxa yegagasi lezinxushunxushu zomphakathi kwathi i-Argentina yahoxa ngomzuzu wokugcina ngenxa yokwanda kwabahaqwa igciwane.
I-Brazil ihlezi inqoba i-Copa America njalo uma isingathe lo mqhudelwano futhi ithenjwe ngabaningi ukuphinda lokho ngeSonto ngehora le-2am CAT.
Umthombo wesithombe: @brfootball