Lifezekile iphupho likaMaswanganyi lokungenela imidlalo yama-Olimpiki

Timmy T Maranda

Lokho okwake kwaba yiphupho elikude lomuzwa kumgijimi waseNingizimu Afrika, uPhathutshedzo Shaun Maswanganyi, selifezekile kulandela ukungena kwakhe kuma-Olimpiki ase-Tokyo e-Japan.

Lo mdlali oneminyaka engama-20 ugijime i-sub-10 ne-20.19 ukwenza iphupho lakhe lifezeke, elungela ukungena ku-100m no-200m ngokulandelana e-University of Houston Track and field Championship ngeSonto.

Lesi sihlabani esinejubane esizinze eMelika sibhale ku-Twitter sizwakalisa injabulo yaso sithi ekugcineni sifezekile isifiso saso sokungenela ama-Olimpiki nokumela izwe laso.

“Umgwaqo obheke kwimdlalo yama-Olimpiki awuseyona iphupho kodwa usufezekile kimina ngizogijimela u-100m no-200mm,” kusho uMaswanganyi ku-akhawunti yakhe ye-Twitter.

Ugijime amasekhondi ayi-10.04 ku-100m quarter-final ukushaya isikhathi sika-10.05 ukuzibekisela indawo kuma-Olimpiki.

Lo msubathi owazalelwa e-Soweto uphinde wagijima u-20.19 emjahweni we-NCAA men 200m quarter-final – ehlula isikhathi sakhe sangaphambilini sika-20.31 ukuze alungele umjaho wama-200m waqeda ngaphambi kukaDevante Brunette.

Eqeqeshwa ngumgijimi omkhulu waseMelika owake waba khona, uCarl Lewis wodumo, owaseNingizimu Afrika kuthiwa uyinto enkulu elandelayo emkhakheni nasenkundleni, kanti kulindeleke ukuthi alwele indondo yegolide kuma-Olimpiki azayo.

UMaswanganyi ucishe wephula irekhodi lika-Akani Simbine lika-9.99 ku-100m. Usendleleni yokuba ngomunye wabasubathi abakhulu kunabo bonke baseNingizimu Afrika.

Emuva ngowezi-2020, lo mfana wephule irekhodi laseNingizimu Afrika labancane ku-100m ngokushaya imizuzwana engu-10.07 ukuqopha irekhodi elisha kwi-Gauteng North Provincial Athletics Championship ePitoli.

Ngaphandle kokukhathazeka ngokwanda kwezibalo zabatheleleka nge-Covid-19, e-Japan imidlalo yama-Olimpiki yokuhlungela emhlabeni jikelele izoqala mhla zingama-23 kuNtulikazi kowez-2021.

Umthombo wesithombe: @tshedzoM

Izihloko zakamuva