Lifezekile iphupho le-Qatar lokusingatha eyomhlaba

Dylan Bettencourt

Sekuphele iminyaka eminingi, i-Qatar iphupha ngokusingatha iNdebe Yomhlaba ye-Fifa, kodwa bekunesithiyo endleleni yayo.

Ibingenalo iqembu elikwazi ukuncintisana. Ngakho, ukuze ilungise leyo nkinga, yaphonsa izigidigidi zama-dolla kuyo.

Ukusingatha Indebe Yomhlaba kuqinisekisa ukufaneleka okuzenzakalelayo kodwa i-Qatar ibingenalo iqembu lebhola elikwazi ukuncintisana, ngakho yakha inkundla yebhola, yaqasha iqembu labaqeqeshi abasezingeni eliphezulu abavela e-Europe futhi yachitha izigidi esikhungweni semfundo ephakeme.

Lolu hlelo lwazanywa futhi lwavivinywa ngo-2003 ngesikhathi umsubathi wase-Kenya uStephen Cherono eba yisakhamuzi sase-Qatar ukuze athole imali engu-R16 000 ngenyanga impilo yakhe yonke. Lolu hlelo lwasebenza kanti ngonyaka olandelayo umsubathi wase-Kenya wagijima umjaho ngesivinini esiphezulu kakhulu kunazo zonke, isikhathi esingakaze sihlulwe nanamuhla.

Ibhola lalandela iphethini efanayo futhi lazama ukuthola abadlali abanekhono emhlabeni wonke ukuze babe izakhamizi zase-Qatar, kwaqala ngabathathu base-Brazil u-Ailton, uDede kanye noLeandro.

Ngesikhathi lolu hlelo ludonsa amehlo e-Fifa, yaqinisa imibandela yokufaneleka kwabadlali bamazwe ngamazwe.

Ngo-2005 kwavulwa i-Aspire Academy ukuze kulungiselelwe isizwe ukuthi ngelinye ilanga siqhudelane namazwe ahamba phambili emhlabeni.

Lesi sikhungo sisungule uhlelo olubizwa nge-Football Dreams lapho izinhloli ezathunyelwa e-Afrika, e-South America kanye nase-Asia ukuyothungatha ithalente, uhlelo okubikwa ukuthi ludle imali engu-R1.5 billion.

Phakathi kuka-2007 no-2014, abadlali besilisa abangu-3.5 million abavela emazweni angu-17 bahlungwa yilesi sikhungo. Njalo ngonyaka abadlali abangu-50 babemenywa ukuze bazovivinywa isonto lonke, kanti kwakukhethwa abathathu abahamba phambili ukuze bahlolwe okokugcina kulesi sikhungo.

Ekupheleni kwalolu hlelo, kwakhethwa abadlali abangu-20 kuphela ukuze bathole imifundaze.

Ngo-2019 i-Qatar yadlala kowamanqamu we-Asian Cup e-United Arab Emirates futhi ngemuva kokudlala ngendlela encomekayo kowamanqamu, i-Qatar yayibukeka izowina indebe okukuqala ngqa.

Nangempela yakwenza lokho ngesikhathi ihlula i-Japan ngo 3-1 kowamanqamu ngeqembu elakhiwe ngabadlali abayisikhombisa abavela kwi-Aspire Academy.

Abadlali abangu-17 kwabangu-23 ababeseqenjini lesizwe bebengama-muqimin, abahlali besikhathi eside base-Qatar kodwa bengebona izakhamizi.

NgoZibandlela ngo-2017, i-Qatar yabekwa endaweni ka-102 emhlabeni yi-Fifa, manje isizithola isendaweni ka-51.

Njengamanje leliyazwe linabadlali abaphuma emazweni angaphandle, abasebenzi abaphuma emazweni angaphandle abadele izimpilo zabo ukuze bakhe izinkundla zezemidlalo e-Qatar.

Ukwengeza emibikweni yokusebenzisa abantu njengezigqila phakathi kwabezokuphepha e-Qatar, kunezinsolo zokuthi bangu-6,500 abasebenzi abaphuma emazweni angaphandle abalahlekelwa izimpilo zabo ngesikhathi kwakhiwa izinkundla zezemidlalo kusukela ngoNhlolanja nyakenye.

Iphupho layo leNdebe yoMhlaba lizofezeka ngoLwezi.

Umthombo wesithombe: @Forbes

Izihloko zakamuva