Arthur Greene
Iwashi lika-Adolf Hitler kulindeleke ukuthi lidayiswe ngemali efinyelela ku-$4 million – u-R70-million – uma selithengiswa eMelika.
Ukuthi ubani ongafuna ukugqoka noma ukuba newashi lomunye womashiqela owabulala abantu abaningi ekhulwini lweminyaka engu-20 edlule, akekho owaziyo.
Kodwa kuvele ukuthi cishe ukhona umuntu ozokhokha izigidi ngalokho.
Iwashi lasesihlakaleni legolide empeleni linomlando. Lantshontshwa ngemuva kokuthi kuthathwe izwe likaHitler isosha lase-France elibizwa ngokuthi uRobert Mignot ekupheleni kweMpi yeSibili yoMhlaba.
UMignot kanye nozakwabo bagasela kule ndawo ezinsukwini ezinhlanu nje umholi weqembu lama-Nazi ezidubule endlini engaphansi e-Berlin ngo-1945.
UHitler ngokwakhe wayethole leli washi njengesipho esivela kwi-Nazi Party ngemuva nje kokuba ushansela waseJalimane ngo-1933.
Lenziwa umkhiqizi wamawashi kanokusho wase-Switzerland uLeCoultre, ingemuva lalo libonisa i-swastika yama-Nazi edume kabi ngaphezu kwezinhlamvu zokuqala zamagama kaHitler.
UHitler waqhubeka nokulwa empini eyingozi kunazo zonke ezake zabonwa abantu futhi wahola umbuso owabulala amaJuda angaphezu kwezigidi eziyisithupha.
Ngemuva kokubuyisela iwashi e-France, uMignot walidayisela umzala wakhe. Leli washi labe selidluliselwa ezizukulwaneni ezimbili ngaphambi kokuthi lifakwe endalini umzukulu wakhe.
Umthombo wesithombe: @LFiganiak