Lubhalwe intatheli yeScrolla
Izikhulu zedolobha lase-Newark eMelika bezikujabulele ukusebenzisana nesizwe sama-Hindu e-Kailasa kanti zizothola ukuthi asikaze saba khona.
Idolobha elikhulu kunawo wonke esifundazweni sase-New Jersey, lasingatha umhlangano osemthethweni nezithunywa ezivela ezweni lomgunyathi.
Phakathi nomhlangano wokusayina, iMeya yase-Newark uRas Baraka ithe “Ngithandazela ukuba ubuhlobo bethu busisize siqonde intuthuko yamasiko, eyenhlalo nezombusazwe futhi buthuthukise ukuphila kwawo wonke umuntu kuzo zombili lezi zindawo.”
Lolu hlelo lwasungulwa ngemuva kweMpi Yezwe yesibili ngenhloso yokuthuthukisa ubudlelwane bezamasiko nezohwebo phakathi koMasipala emhlabeni jikelele.
Kuthathe izinsuku ukuthi idolobha lithole ukuthi yonke lento yayingamanga, futhi yayiholwa umkhohlisi waseNdiya owaziwayo uSwami Nithyananda.
Okhulumela idolobha obephoxekile uthe “Nakuba lesi bekuyisigameko esibuhlungu nesithusayo, idolobha lase-Newark lisazimisele ukusebenzelana nabantu bamasiko ahlukahlukene ukuze kuthuthukiswe ukuxhumana, ukwesekwa nokuhloniphana.” Kodwa ngokuzayo, mhlawumbe kumele senze uphenyo ku-Google kuqala.
Isithombe esingenhla: Izikhulu zedolobha lase-Newark emhlanganweni wokusayina nezihambeli ezivela e-Kailasa
Umthombo: twitter