Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umshayeli wetekisi wase-Manenberg eKapa unqume ukujabulisa abagibeli bakhe – nokuheha amakhasimende amaningi ngokubeka ithoyizi locansi eliwumfanekisi wesitho sangasese so wesilisa ngaphambili etekisini lakhe.
Uphinde alilengise ngaphakathi ophahleni lwemoto ukuze ahlekise abagibeli bakhe.
“Ngilinamathisele ngaphandle ukuze ngijabulise abanye abashayeli nokuheha abagibeli abaningi. Njengoba bebezibuza ukuthi kungani ngifake leli thoyizi bavele balangazelela kakhulu ukubona ukuthi yini engaphakathi etekisini,” kusho umshayeli ongathandanga ukudalulwa igama.
Lo mshayeli uthe u-90% wabagibeli bakhe bebehleka bethwebula izithombe namavidiyo ethoyizi kodwa abanye abangu-10% bakubona kuwukungahloniphi.
“Siyakujabulela ukuhleka nokubona ukuphendula kwabagibeli – sifuna ukubaqopha bonke ukuthi benzani uma sebebona leli thoyizi,” esho.
Omunye umshayeli wetekisi uthe: “Isenzo sokubeka ithoyizi locansi kukhombisa ukuthi bagangile. Bayahlanya, kodwa ngiyakuthanda abakwenzile ngoba kuzokwenza abantu bahleke bakhohlwe yizinkinga ababhekene nazo.”
UNksz Lizo Helebe (45) ongumgibeli uthe abantu babhekene nezinkinga eziningi futhi badinga into ezobajabulisa.
“Ngahleka ngesikhathi ngibona ividiyo [ezinkundleni zokuxhumana]. Angikaze ngicabange ukuthi kukhona umuntu ongafaka ithoyizi locansi etekisini.”
Umshayeli wemoto uthe eqala ukubona itekisi lalithwebulwa abanye abashayeli.
“Esikhundleni sokushayela baye phambili abashayeli bebema bethwebule izithombe behleka. Kuhle khona kodwa abathwebula amavidiyo nezithombe kumele baqaphele emgwaqeni. Asifuni ukuthi badale izingozi ngokuba matasa ukuthwebula ithoyizi locansi,” usho kanje.
UMaxine Bezuidenhout, okhulumela abezomgwaqo kuleli dolobha, uthe ukube ithoyizi locansi belinamathiselwe eduze kwenombolo yemoto belizothathwa njengento engekho emthethweni.
“Ukube bekunjalo … bekuzodinga umthetho udlale indawo ngoba bekuzoba ukwephulwa komthetho bese umshayeli akhiphe inhlawulo,” kusho uBezuidenhout.
Esithombeni esingenhla: Lisematheni ezinkundleni zokuxhumana itekisi elinamathiselwe ithoyizi locansi ngaphambili nokwenza abantu abaningi bagigitheke.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe