Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Iphoyisa (55) laseKraaifontein, eKapa, lidedelwe ngebheyili ka-R5,000 kulandela ukuboshwa kwalo ngoLwesithathu olwedlule ngezinsolo zokuqola nokusabisa.
Okhulumela i-National Prosecuting Authority (NPA) u-Eric Ntabazalila uthe icala lihlehliselwe usuku langomhlaka-19 kuNhlolanja ngonyaka ozayo ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
“Udedelwe ngebheyili ka-R5 000 enombandela wokuthi angaxhumani nommangali.
“Kade sasikhala ngamaphoyisa ayizigebengu ezicashe ngomfaniswano,” kusho isakhamuz.
Sithe akusilona lodwa leli phoyisa eliqola osomabhizinisi imali.
“Abanye babo bavakashela izindlu ezidayisa utshwala ekuseni, bashaye abantu bazithathele utshwala. Ngethemba lokuthi kuzoba noshintsho, isakhamuzi sinxuse abanikazi bezitolo ukuthi babe nesibindi. Ngifisa ukuthi bangesabi ukuphumela obala babike amaphoyisa akhohlakele. Amaphoyisa azoyeka ukwenza amacala uma engagwetshwa. Kuze kube yileso sikhathi sizoqhubeka nokuzwa izindaba ezithinta bona behlukumeza umphakathi abathembisa ukuwuvikela.”
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uLieutenant Malcolm Pojie uthe: “Uphenyo lokuqala luveza ukuthi umsolwa iphoyisa lathola imali eshisiwe ngoNtulikazi ngo-2023 kumnikazi wesitolo wasendaweni ukuze aqhube ibhizinisi lakhe ngaphandle kokuphazanyiswa.”
Ezinye izinsolo zithi iphoyisa laphinde lavakashela umnikazi wesitolo ngoMfumfu, lafuna ukukhokhelwa izikhathi eziningi.
Umnikazi wesitolo ngenxa yokwesaba ukuthi angase alahlekelwe impilo yakhe, kubikwa ukuthi ukhokhe isamba semali kuleli phoyisa ukuze aqinisekise ukuthi ibhizinisi lihlala livuliwe.
UKhomishana wesiFundazwe uLieutenant General Thembisile Patekile ukhiphe isexwayiso esiqinile, egcizelela imizamo eqhubekayo yokulwa nenkohlakalo emaphoseni.
Isithombe esingenhla: Amaphoyisa
Umthombo wesithombe: Ifayela