Lichonywe uphaphe lwegwalagwala iphoyisa elihamba phambili

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Njengoba isibalo samacala ocansi sikhula, uSayitsheni Glenda Mathebula wase-Tzaneen, e-Limpopo usebenza kanzima ukutholela izisulu zamacala ubulungiswa.

Eqanjwe ngontanga yakhe ngokuthi “Dynamite in a small package”, uSayitsheni Mathebula uqokwe njengoMphenyi Ohamba Phambili Wonyaka ophikweni lodlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala ocansi kuma-SAPS Limpopo Excellence Awards 2023 e-Polokwane ngoLwesihlanu.

Izibalo zobugebengu ezivezwe ngamaphoyisa kusukela ngoNtulikazi kuya kuMandulo 2022/2023 zikhombise ukwanda kwesibalo samacala ocansi kanye nokudlwengula e-Limpopo. Kodwa uMathebula wenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abenzi bobubi bayabanjwa – futhi irekhodi lakhe liwubufakazi balokho.

Ufake isandla ekuphenyweni kwamanye amacala anyantisayo esifundeni sakhe.

Muva nje imizamo yakhe iqinisekise ukuthi uyaboshwa umdlwenguli wase-Motupa Village, owakhomba izithandani ngesibhamu endaweni ecashile. 

Owesilisa wayedlwengula owesifazane phambi komlingani wakhe bese ephoqa umlingani ukuba alale nowesifazane futhi wabaphuca izimpahla zabo. Ugwetshwe iminyaka engu-102 ebhadla ejele.

NgoMfumfu, uGodlip Seoke owaziwa ngelika-R71 Road owayengumdlwenguli owayeqonda abesifazane ababeqwala izintaba phakathi kwe-Tzaneen, i-Phalaborwa ne-Polokwane, ugwetshwe iminyaka engu-85 ebhadle ejele ngemuva kokuba uMathebula ephenye icala.

Lena indondo yakhe yesine kusukela angena embuthweni wamaphoyisa eminyakeni engu-17 edlule. Ezinye zezindondo zakhe zihlanganisa ukuba uMseshi Ovelele Wonyaka ka-2017 e-Limpopo; waphuma isibili ngo-2018 emqhudelwaneni kazwelonke woMseshi Wonyaka kanye noMseshi Wonyaka ka-2017 e-Limpopo.

UMathebula utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukuwina indondo kuyamthobisa. “Ngiyaziqhenya ngomsebenzi wami, ungigcina ngimatasatasa ngihlezi ngisebenza, kungaba yimpelasonto noma iholidi. Kumele ngibasize abahlukumezekile uma bengidinga,” usho kanje.

Uthe ezinye zezinkinga eziyinselelo ahlangabezana nazo izisulu ezisula amacala nokwamukela imali kubenzi bobubi; namacala athinta imindeni evikela ilungu lomndeni elihlukumeze ingane.

Uma engekho emsebenzini ungunkosikazi futhi unezingane ezinhlanu, okuhlanganisa neqoqo lamawele amathathu. Ulala kahle ebusuku azi ukuthi ezinye zezigebengu eziyingozi zivalelwe ngenxa yemizamo yakhe.

Osesithombeni esingenhla: USayitsheni Glenda Mathebula. 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva