Libuyiselwe emndenini izinyo legolide leqhawe lenkululeko

Dylan Bettencourt

I-Belgium ibuyele ezweni lakubo iphethe izinyo legolide leqhawe lenkululeko elingasekho lase-Congo uPatrice Lumumba. 

ULumumba wadutshulwa wabulawa ngonyaka ka-1961 kusaphethe umbuso wangaphambilini wamakoloni. Isidumbu sakhe sangcwatshwa ethuneni elingashoni saphinde sasuswa sahanjiswa amakhilomitha angu-200 ukuze singcwatshwe futhi.

Kodwa kwaba noshintsho olungalindelekile njengoba bavele bagenca umzimba wakhe waba izicubu bawuncibilikisa nge-acid.

Nokho ngaleso sikhathi uKhomishana wamaPhoyisa e-Belgium uGerard Soete owayephethe lolu hlelo waveza ukuthi wathatha izinyo legolide likaLumumba.

Sekuphele iminyaka engaphezu kwamashumi ayisithupha abulawa njengoba kuzothathwa izinyo legolide libuyiselwe emndenini wakhe ngesikhathi somkhosi e-Brussels.

Ukhomishana wamaphoyisa wavela kwidokhumentari ngo-1999 echaza ngokuthatha izitho zomzimba ahlobise ngazo. 

Indodakazi kaLumumba uJuliana ibuze ukuthi hlobo luni lomuntu ongathatha izitho zalabo ababulewe.

“Ingakanani inzondo okumele ube nayo ukuze wenze lokho?” kubuza indodakazi.

“Lesi isikhumbuzo esenziwa ngama-Nazi ethatha izitho zomzimba zabantu futhi lokho kuyicala elibomvu,” etshela i-BBC.

ULumumba owayengummeli wenkululeko ye-Democratic Republic of Congo wakhethwa njengoNdunankulu wezwe lase-Afrika eneminyaka engu-34.

Wabhekisa amabombo e-Belgium lapho afike wathula khona inkulumo ebingahleliwe mayelana nodlame olwake lwagilwa ngabantu base-DRC.

Le nkulumo nakuba yashayelwa ihlombe izinkumbi zabantu, kodwa yathathwa njengomcimbi lapho uLumumba asayina khona incwadi yakhe yokufa.

Uhambo lukaLumumba olusuka ekubeni uNdunankulu luya kwisisulu sokubulawa alithathanga isikhathi esingaphansi kwezinyanga eziyisikhombisa.

Yize izitho zakhe zomzimba zashiswa nge-acid, kodwa izinyo lakhe legolide lizothathwa lizungeze i-DRC ngaphambi kokungcwatshwa enkabeni yedolobha yase-Kinshasa.

Umthombo wesithombe: @DW

Izihloko zakamuva