Libulawe ngabalisa abangaziwa ikhansela le-ANC eThekwini

Celani Sikhakhane

Kushone ikhansela le-ANC ngemuva kokudutshulwa amahlandla ayisikhombisa ngaphandle komuzi walo kwisifunda saseThekwini ngoMgqibelo.

UMinenhle Mkhize wewadi-103 kwaNyuswa uhlaselwe ngabantu abangaziwa ngesikhathi epaka imoto yakhe ebusuku ngehora leshumi.

Umthombo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abasolwa bazame ukudubula uMkhize kumafasitela emoto, kodwa izinhlamvu azizange zingene.

“UMinenhle uzamile ukubalekela esihlalweni somgibeli. Kodwa abasolwa bafike eceleni bamdonsa ngezinyawo  ngaphambi kokuba bamdubule,” ngokusho komthombo. Kodwa akukaboshwa muntu.

Samsung Galaxy 14G

UMinenhle Mkhize uyikhansela le-ANC lesibili ukudutshulwa zingakapheli izinyanga ezintathu, ngemuva kokubulawa kukaSiya Mkhize obengenele ukhetho kwiwadi-101 ngaphambi kokhetho lohulumeni bendawo olwenzeka ngoLwezi.

Umthombo ongaphakathi kwi-ANC uthe amaphoyisa abe esebopha iningi labantu abangaphakathi kwi-ANC abaseka uSomlomo weTheku, uMnuz Thabani Nyawose, ukuthi abe nguSihlalo olandelayo we-ANC esifundeni saseThekwini.

“USiya wayesekhempini kaZandile Gumede kanti namuhla sekubulawe uMinenhle (Mkhize) obesekhempini kaNyawose. Sithukile futhi asazi ukuthi ikhona kuphi okuzolandela njengoba sibheke ezingqungqutheleni zokukhetha ubuholi bezifunda,” kusho umthombo.

UMkhize udle umhlanganiso ngemuva kokuthi u-Ward 103 ethathwe kwi-ANC ngo-2016 owayezimele.

Okhulumela i-ANC esifundazweni uMnu uNhlakanipho Ntombela uthe abasazi isizathu sokubulawa  kukaMkhize ubeyikhansela okokuqala ngqa.

Abanye abaholi be-ANC nabo bazwakalise ukukhathazeka ngokuthi akukaboshwa muntu ngokubulawa kwamakhansela eqembu aqavile eThekwini kusukela ngonyaka ka-2011. Phakathi kohlu olude lwababulawa kukhona uMnu Wiseman Mshibe, uMpume Sibiya kanye noSbu Sibiya.

Scrolla World Cup Quiz