Libhekene namanye amacala iphoyisa elisolwa ngokubulalala abahlanu ukuze lizuze eyomshwalense

Everson Luhanga

Owayengusayitsheni wamaphoyisa othweswe icala lokubulala kanye nokwakha uzungu lokubulala izihlobo ezisondelene naye ukuze ezothola imali yomshwalense, wandiselwe amacala amasha phezu kwalawa abekwe wona.

URosemary Ndlovu uvele enkantolo ephakeme yaseGoli ngoMsombuluko.

Wayeyiphoyisa esiteshini samaphoyisa e-Thembisa South Police station Ekurhuleni, manje usebhekene namacala ayi-19 obugebengu.

Ngokuya ngokumangalela kwesifunda uNdlovu ubhekene namacala amahlanu okubulala, amane okukhwabanisa, awokuzama ukubulala, awokwakha itulo lokubulala kanye nelokuphambana nelokudukisa ingalo yomthetho.

Ummeli wakhe ozimele uzihoxisile kulamacala kanti uNdlovu ufake isicelo se-Legal Aid South Africa ukuthi atholelwe ummeli.

Abakwa-Scrolla.Africa bakhiphe izinxenye eziyisishiyagalolunye ezinemininingwane yokuthi umsolwa ubulale kanjani nokuthi uzenze kanjani izaba zokuthola imali yomshwalense ngokubulala izihlobo zakhe.

Amacala okukhwabanisa umshwalense engeziwe ayasho ukuthi uNdlovu uyithole kanjani imali ngokufa kukadadewabo.

Le mishwalense yajoyinwa umsolwa ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kokuthi asolwe ecaleni lokubulala udadewabo ukuze afune imali engafinyelela kwi-R700 000 ezinkampanini ezahlukene zemishwalense.

Amanye amacala amane asele okubulala kanye nawokwakha uzungu lokubulala onke alandele ngemuva kwaleli lokuqala ngendlela efanayo: umsolwa uthole imali ngokufa kwalezi zisulu, wabulala futhi wahambisa amaphepha okukhipha imali ezinkampanini ezahlukene zemishwalense.

UNdlovu, nomluko wakhe omusha, uvele enkantolo namuhla ebukeka engakhathazekile. Ubengabukeki njengomuntu oboshiwe.

Ephelezelwa amaphoyisa abehlome ezingovolo. UNdlovu usuke enkantolo ngoxhaxha lwezimoto zamaphoyisa ebezikhala umsindo maphakathi nedolobha, ngemuva kokuthi icala lakhe lihlehliswe.

UNdlovu uhanjiswe ejele lasePitoli i-Kgosi Mampuru ngemuva kokuthi kutholakale ukuthi ubakha uzungu lokubulala umseshi ophenya amacala amaningi kanye nomphathi wamaphoyisa esiteshini esiseNingizimu neThembisa ngenkathi esasejele i-Johannesburg correctional services.

Icala lihlehliselwe umhla ziyi-13 kuLwezi ukuze kube khona ikomfa ngaphambi kokuthi kuthethwe icala. Usagcinwe ezandleni zamaphoyisa.