Menzi Magubane
IKaizer Chiefs kancane ibuyela emuva futhi isimo sayo njengompetha bebhola kungenzeka kube yinto yesikhathi esidlule.
Abathembekile kuMakhosi kungenzeka baphinde babekezelele enye isizini ebuhlungu nengena sicoco ngaphansi komqeqeshi omusha uStuart Baxter.
Ngemuva kokuthi iChiefs ilwele ukushaya iqembu elifikayo iMarumo Gallants ngeSonto, bekusobala ukuthi inkinga yase-Naturena inkulu ukudlula noma yimuphi umqeqeshi, futhi abaphathi beqembu kumele bazihlolisise.
Ku-Twitter, abalandeli abebekhungathekile babe nemibono yabo.
Omunye wabasebenzisi be-Twitter ubhale wathi: “UBaxter ukwenze kwaba nzima kakhulu ukulindela umdlalo weKaizer Chiefs, ukwenze kwangabalula ukuwuthokozela. Abaphathi beKC kumele bazinyeze!”
Omunye uthe: “Sidinga ukuthumela abane abazosimele e-Naturena ukuthola imininingwane ngememorandamu yethu. Bazophinda babuze iKaizer Chiefs ukuthi izinhloso zayo ziyini ngesizini yowezi-2021/22. Lokhu kuzosisiza njengabalandeli ukwehlisa ukulindela okukhulu”.
Ngesizini edlule iChiefs ixoshe umqeqeshi onamava uGavin Hunt ngemuva kokuphuthwa yisicoco seligi ngosuku lokugcina lwesizini edlule.
UHunt akazange amukelwe ngabalandeli abaningi beqembu futhi kusukela emdlalweni wokuqala ubesevele enengcindezi.
Ukwenza izinto zibe zimbi kakhulu kuyena, iChiefs yehlulekile ukusayinisa abadlali abasha isizini yonke ngemuva kokuvinjelwa yi-CAF.
Le sizini iqale nomqeqeshi omusha, uStuart Baxter. Lo mqeqeshi odabuka eNgilandi uzithola esebhekene nenkinga efanayo nekaHunt – akayona intandokazi kubalandeli.
Umphumela wangeSonto ushiye iChiefs isendaweni ye-13, kanti bahlukaniswe amaphuzu amathathu kuphela ukuthi babe sendaweni yokugcina etafuleni leligi. Sebedlale imidlalo emihlanu baqoqa amaphuzu amahlanu kwayi-15 – okuyisimo esifana nse nesikaHunt ngemuva kwemidlalo yakhe yokuqala emihlanu ye-DStv Premiership.
Akukho okutheni okwenziwe Amakhosi yize esayinise abadlali abasha abayi-10 ngehlobo.