Lehlile izinga lokushona kwabantu emigwaqeni yase-Eastern Cape ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Isibalo sabashonile emgwaqeni yase-Eastern Cape sehle sisuka ku-219 saya ku-153 phakathi kukaZibandlela nasekuqaleni kukaMasingana.

Amaphoyisa abophe abashayeli abangu-1 993 abebephuzile esifundazweni sonke okubalwa nabangu-308 eNelson Mandela Bay.

Bambalwa abantu abashonile emigwaqeni yase-Eastern Cape kulesi sikhathi samaholidi uma kuqhathaniswa nakamuva.

UMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape uthi zehlile izigameko zokushona kwabantu emigwaqeni zisuka ku-219 zaya ku-153 phakathi komhlaka-1 ngoZibandlela nomhlaka-4 kuMasingana. Lokho kusho ukuthi bangu-66 abashonile kunangesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.

Umnyango uthe ukwehla kukhombisa ukuthi imizamo yezokuphepha emgwaqeni isiqalile ukusebenza. Nokho ixwayise ngokuthi isikhathi samaholidi asikakapheli futhi kusengenzeka ezinye izingozi.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha u-Unathi Binqose uthe ukuncipha kwezingozi kusho ukuncipha kobuhlungu emindenini kanye nengcindezi kubasebenzi bezimo eziphuthumayo nasezibhedlela.

Uthe amaphoyisa omgwaqo agxile ezimotweni ezithutha umphakathi nasemizileni ephithizelayo okuhlanganisa u-N2, u-N6, u-R61, u-R72 kanye no-R63.

Amaphoyisa aphinde abopha inqwaba yabantu abashayela bephuzile ngalesi sikhathi.

UBrigadier Nobuntu Gantana uthe bangu-1,993 abantu ababoshelwe ukushayela bephuzile phakathi komhlaka-1 kuZibandlela ngomhlaka-5 kuMasingana.

ENelson Mandela Bay kuphela, abashayeli abangu-308 baboshelwe ukweqa izinga elisemthethweni lotshwala. Kulabo bashayeli, abangu-28 babandakanyeka ezingozini kanti abangu-14 manje babhekene namacala okubulala ngokungenhloso.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre Beetge uthe laba baboshwe ngesikhathi kunezivimbamgwaqo neminye imisebenzi. Uthe zingu-67 izivimbamgwaqo ezimile kule ndawo, ezingu-24 zibekwe emgwaqeni onguthelawayeka u-N2.

IDemocratic Alliance ikwamukele ukwehla kwezinga lokushona kwabantu kodwa yaxwayisa ngokuthi imigwaqo iseyingozi.

Leli qembu lithe izinsuku zokugcina zamaholidi, ikakhulukazi ngaphambi kokuvulwa kwezikole, zivame ukuba zimbi kakhulu. Icele ukuthi kube nomthetho oqinile unyaka wonke, kubonakale amaphoyisa omgwaqo kanye nokuhlolwa okuqinile kwezimoto ezithutha umphakathi.

Esithombeni esingenhla: Isivimbamgwaqo e-Eastern Cape ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.

Umthombo wesithombe: I-EC Department of Transport

Izihloko zakamuva