Lubhalwe nguRazeen Gutta
Iqembu lebhola lase-Morocco eliqophe umlando lamukelwe njengamaqhawe ngesikhathi lifika e-Rabat ngoLwesibili ngemuva kokudlala kahle kwiNdebe yoMhlaba ye-Fifa e-Qatar.
Izinkulungwane zabalandeli zamukele lezi zihlabani ngesikhathi zibambe umbukiso wamabhasi enhlokodolobha yase-Morocco ngemuva kokuzuza lokho okungakaze kwenziwe yinoma yiliphi izwe lase-Afrika – ukuba endaweni yesine kwiNdebe yoMhlaba.
Ama-Atlas Lions enze izwekazi lase-Afrika kanye nomhlaba wama-Arab wazigqaja kakhulu ngokuthi afinyelele esigabeni sowandulela owamanqamu alo mqhudelwano nokuthi ahlula amaqembu afana ne-Belgium, i-Portugal kanye ne-Spain ukuze afike kulesi sigaba.
NgoMsombuluko, iNkosi uMohammed VI wase-Morocco uthe iqembu lizokwamukelwa esigodlweni ukuzobungaza impumelelo yalo eyingqophamlando.
Umqeqeshi we-Morocco, uWalid Regragui uthe iqembu lijabulile ngokusebenza kwalo futhi linethemba lokuthi lizophinde lingenele lo mqhudelwano ngo-2026.
“Ukube kukhona obeke wangitshela ngaphambi komqhudelwano ukuthi sizodlala imidlalo eyisikhombisa e-Qatar, besizojabula,” kusho uRegragui etshela i-BeIN Sports ekupheleni komqhudelwano.
“Bonke abantu base-Morocco, e-Afrika kanye nama-Arab bayibonile indlela leli qembu elilwe ngayo nangendlela ebelifuna ukujabulisa ngayo izwe. Sizozama ukubuya futhi ngemuva kweminyaka emine.”
Esithombeni ngenhla: Umgubho wamabhasi e-Morocco
Umthombo wesithombe: @AFP