Kwi-Chippa United “Yonke imidlalo ifana neyamanqamu eNdebe”

Timmy T Maranda

Yonke imidlalo yeligi esele ifana neyamanqamu endebe kwiChilli Boys, kusho umdlali wasesiswini weChippa United uKurt Lentjies. 

IChippa izobhekana namaBhakabhaka asefomini emdlalweni we-DSTV Premiership ngoMgqibelo eNelson Mandela Bay stadium ngehora le-5 ntambama.

Ngaphansi komqeqeshi uDan Malesela, iChippa United ithuthukile futhi inyukela phezulu kwitafula leligi kanti njengamanje ikwi-quarter final ye-Nedbank Cup.

Leli qembu lase-Gqeberha njengamanje lihlezi endaweni ye-12 kwi-log table ye-DStv Premiership ngokunqoba kathathu, ladlala ngokulingana imidlalo eyisikhombisa laphinde lahlulwa kasikhombisa.

ULentjies uthe, iqembu kufanele liqale ukucosha amaphuzu.

“Yonke imidlalo ibaluleke kakhulu kithina njengoba sesimaphakathi nesizini vele,” uLentjies utshele abezindaba ze-PSL Info Centre.

“Noma singadlala ngokulingana noma siwine kodwa kumele sicoshe amaphuzu kuyona yonke imidlalo. Siyawadinga amaphuzu.”

IChippa United ihlulwe yi-Orlando Pirates ngelilodwa eqandeni kowe-DStv Premiership e-Orlando Stadium e-Soweto.

Imidlalo yangoMgqibelo ye-DStv Premiership:

ICape Town City vs Stellenbosch, Cape Town Stadium, ngehora le-3 ntambama.

Bloemfontein Celtic vs Maritzburg United, Dr Molemela Stadium ngehora le-5 ntambama

Umthombo wesithombe: @ChippaUnited