Kwethulwe umfanekiso weqhawe lase-Malawi

Arthur Greene

E-London kwenziwe umfanekiso kaJohn Chilembwe owahamba phambili ekukhululweni kwe-Malawi ngaphansi kombuso wamakoloni wase-Britain.

Lo mfanekiso owenziwe ngumdwebi ongowokuzalwa e-Malawi uSamson Kambalu wethulwe ngoLwesithathu e-Trafalgar Square’s Fourth Plinth.

Umfanekiso kaKambalu owenziwe ngethusi ungamamitha amahlanu ubude futhi siphakeme ngaphezu kwe-Missionary i-John Chorley.

I-plinth cishe iyindawo edume kakhulu ekhombisa ubuciko bomphakathi emhlabeni, kanye nenkundla efanelekile kaChilembwe umuntu wokuqala wase-Afrika ukungena kuyo. Njengoba amanye ama-plinth amathathu ehlala unomphela, lo mfanekiso ojikelezayo ongowesine.

UChilembwe wayengumshumayeli owahola ukuvukela umbuso wamakoloni wase-Malawi ngo-1915.

Wazalwa ngo-1870 e-Nyasaland, okuyi-Malawi namuhla. Ngo-1892 waqashwa njengenceku yesonto i-John Booth.

Ngokubambisana, u-Chilembwe ne-Booth bazinikela ekukhululeni abantu base-Afrika kumakoloni ase-Europe.

Ngesikhathi sempi yomhlaba yokuqala ngo-1914, uChilembwe wathukuthela ecasulwa ukuthi abantu base-Malawi babephoqwa ukuba bayolwa ne-Germany egameni le-Britain.

Wabuyela e-Malawi ukuze ahlele ukuvukela umbuso wamadlagusha. 

Amathuba ayehlale enqwabelene kubo futhi ukuvukela umbuso okunobudlova kwaqedwa ngemuva kwezinsuku ezimbalwa. UChilembwe wadutshulwa wabulawa ngo-1915.

Izindlela zikaChilembwe zizoqhubeka nokukhuthaza abaguquli abakhulu beminyaka engu-20 kanye nama-pan-Africanists.

Isifanekiso esikhulu sikaKambulu siwukuhlonipha isithunzi sakhe.

“Abantu abaningi bangase bangazi ukuthi uJohn Chilembwe ungubani,’’ uKambalu utshele i-BBC.

“Ngokwenyusa izinga lakhe umdwebi uphakamisa uChilembwe kanye nendaba yakhe eveza izindaba ezifihliwe zabantu abangaveli kahle emlandweni woMbuso wase-Britain e-Afrika nangale

Izihloko zakamuva