Kwethulwe uhlelo olusha lokwakha izindlu zomxhaso

Dylan Bettencourt

Abacwaningi baseNyuvesi yaseGoli (i-UJ) bakhe indlu yomxhaso enamagumbi ayisithupha besebenzisa ukhonkolo we-3D printing kanti lokho bakwenze ngosuku olulodwa.

Ukushoda kwezindlu zomphakathi eNingizimu Afrika kungenye yezinkinga eziyingcindezi kakhulu ezweni njengoba kungakhiwa izindlu ezanele kanye namaphrojekthi akhona athatha isikhathi eside kakhulu.

“UMnyango weze-Science and Innovation e-UJ usuhlonze i-3D printing njengobuchwepheshe obuzoletha ushintsho olukhulu ukuguqula ukulethwa kwezindlu ezweni,” kubhala iNyuvesi kwisizindalwazi layo.

“I-DSI isiqale uhlelo lokuhlola nokubonisa ubuchwepheshe be-3D printing bokuhlaliswa kwabantu okusimeme eNingizimu Afrika.”

Iphini likashansela wase-UJ uSolwazi Tshilidzi Marwala udalule ukuthi ithimba labo eNyuvesi lakhe indlu yomxhaso ngosuku olulodwa.

“Le-3D Printer yeNyuvesi yaseGoli iyashesha. Indlu yakhiwe ngosuku olulodwa. Uma sitshala imali kulobu buchwepheshe singakwazi ukuhlinzeka abantu bethu ngezindlu ezisezingeni eliphezulu ngokushesha siqede nemijondolo,” ubhale kanje ku-Twitter.

Okutholwe i-UJ kuveza ukuthi uhlelo lwe-3D printing luya ngohlelo olusetshenziswayo kanye nobukhulu bezindonga njengoba indlu yomxhaso ingakhiwa ngamahora amahlanu nje kuphela. 

Kodwa-ke njengoba kubukeka  futhi kuzwakala kahle kukhona okungahambi kahle nge-3D printing.

“Kubili okucatshangwa ukuthi kubi nge-3D printing njengokuthi kunciphisa ukuqashwa kwabasebenzi basendaweni ngoba konke kuhamba ngesikhathi kuphinde kunciphise ukuthuthukisa umnotho njengoba kungeke kusathengwa impahla yokwakha ezitolo zasendaweni ” kusho ithimba labacwaningi base-UJ.

Ucwaningo luveze i-3D printing njengendlela ehlukile yokwakha izindlu ngokushesha neziseqopheleni eliphezulu ngezindleko eziphansi.

Umthombo wesithombe:@IOL

Scrolla World Cup Quiz