Kwethulwe izimoto ezintsha zakwaSAPS

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UNgqongqoshe wamaPhoyisa wakuleli uBheki Cele unikeze amaphoyisa ase-Western Cape izimoto zamaphoyisa ezingaphezu kuka-200 ngoLwesine ekuseni.

Lo mcimbi ububanjelwe enxanxatheleni yezitolo i-Promenade, e-Mitchell’s Plain kanti zingu-251 izimoto zamaphoyisa ezikhishiwe.

UNgqongqoshe unxuse amalungu e-SAPS ukuthi angazisebenzisi kabi lezi zimoto njengokuhambisa omamezala noma bazisebenzisele izindlela zabo ezingafaki umsebenzi.

“Sithenge lezi zimoto ukuze kube lula kini ukulwa nobugebengu kulesi sifundazwe. Akumele nizisebenzisele ukulanda izintombi zenu, noma niyothenga ukudla ngazo. Kumele amaphoyisa afunde nokuhlonipha ibheji,” kusho uCele.

Lezi zimoto zizosetshenziselwa ukulwa nobugebengu ezindaweni ezahlukene.

“Iziteshi eziyisishiyagalombili zase-Western Cape ziphakathi kweziteshi ezihamba phambili ngobugebengu obuningi ezweni futhi ngalezi zimoto ngithemba ukuthi zizosiza ukunqanda ubugebengu ukuze wonke umuntu azizwe ephephile,” engeza.

UKhomishana wamaPhoyisa e-Western Cape, uLieutenant General Thembisile Patekile, uthe lezi zimoto zizosetshenziswa kuzo zonke iziteshi zamaphoyisa.

“Lezi zimoto zizosebenza ezindaweni ezahlukene. Zizokwazi ukuzulazula endaweni futhi izakhamuzi ngeke zisalinda izimoto zamaphoyisa uma zinenkinga.”

URafique Foflonker onguSihlalo we-Community Policing Forum, uthe imiphakathi ihlala ngokwesaba futhi ziningi izikhathi i-SAPS ihluleka ukubhekana nobugebengu ngenxa yokushoda kwezimoto zamaphoyisa.

“Lezi zimoto zimele ithemba. Asilindele ukuthi i-SAPS inganaki ubugebengu ngenxa yokushoda kwezimoto. Ngikholwa ukuthi kuzophela ubugebengu manje.”

UMnu Sibongiseni Mankuntsu (45), uthe badinga ukuthi amaphoyisa azinikele.

“Inkinga iku-SAPS yethu. Sijabule ngezimoto ezintsha, kodwa i-SAPS kumele iguqule indlela enza ngayo izinto. Uma bengawuhloniphi umsebenzi wabo, izimoto ngeke zenze mehluko.”

UZukiswa Ngcuze (40), ujabule futhi unethemba lokuthi i-SAPS izoyeka ukubatshela ngokushoda kwezimoto.

“Kwesinye isikhathi siyazi ukuthi uma bengafuni ukuya endaweni yesigameko baqamba amanga ngokushoda kwezimoto. Ngethemba ukuthi bazowenza umsebenzi wabo banciphise nobugebengu.” I-Rate Our Service application yethulwe kulo mcimbi ukuze kuvunyelwe amalungu omphakathi aphawule ngokulethwa kwezinsizakalo ze-SAPS.

UNgqongqoshe uthembise ukuthi maduze kuzokwengezwa inqwaba yezimoto zamaphoyisa.

“Isabelomali sangaphambilini sasetshenziswa ukuthenga lezi zimoto. Siyeza isabelomali salo nyaka,” kusho uCele.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wamaPhoyisa wakuleli uMnu Bheki Cele enikeza amaphoyisa aseWestern Cape izimoto zamaphoyisa ezingaphezu kuka-200

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva