Kwethulwe isibonakude esisezingeni eliphezulu

Arthur Greene

Izithombe zokuqala ze-James Webb Telescope entsha sezikhishiwe ziveza izinkanyezi eziningi ezindala kanye nezikude ezingakaze zibonakale ngaphambilini.

Izithombe ezinhle ezinemibala zibonisa izinkanyezi eziningi ezabakhona kudala.

Isithombe esingenhla esendawo ebizwa ngokuthi i-SMACS 0723. Okunye ukukhanya okubonakala esithombeni kuvela endaweni eqhele ngeminyaka engu-13 billion.

Izinkanyezi sezihambe ibanga elide onyakeni owodwa. Ukuze sikuqonde lokhu ukukhanya okuvela elangeni okuqhele ngamakhilomitha angu-150 million kuthatha cishe imizuzu engu-8 ukufika kithi.

Lokhu kusho ukuthi ukukhanya okuvela kule ndawo kuhamba iminyaka engu-13 billion ngaphambi kokuba kufinyelele kwi-James Webb Telescope.

Uma sibheka isithombe sibheka izinkanyezi ukuthi zazinjani eminyakeni eyizinkulungwane edlule futhi izithombe zibonisa kahle isikhathi esedlule. 

Umkhathi uneminyaka engu-13,8 billion, ngakho-ke lezi izinkanyezi zokuqala.

“I-Webb ibonisa isikhathi sasemuva ngemuva kwe-Big Bang ngokubheka izinkanyezi ezikude kakhulu, kanti ukukhanya kuthathe izigidigidi zeminyaka ukusuka kuleyo ndawo kuya kithina,” kusho uJonathan Gardner isekela likasosayensi omkhulu wephrojekthi emkhathini waseMelika ye-NASA ngesikhathi kunengqungquthela yezindaba.

Ethula lezi zithombe ngoMsombuluko uMengameli waseMelika uJoe Biden uchaze lesi sikhathi njengomlando ebiza lezi zithombe ngokuthi iwindi elisha lokuthi sibone umlando womkhathi wethu.”

I-James Webb iyisona esihamba phambili kunazo zonke ezake zathunyelwa emkhathini, njengoba yaqala ukusebenza isuka e-French Guiana nyakenye. Yasungulwa i-Nasa kanye nabalingani bamazwe ngamazwe, izinhlangano zasemkhathini zase-Europe nase-Canada.

Isibonakude sika-R170 billion senza izinto ezimbili, okokuqala ithwebula izithombe zezinkanyezi zokuqala esezikhanye yonke indawo eminyakeni engu-13.5 billion edlule. Okwesibili ukuthola nokuthwebula izithombe zamaplanethi abantu abangase bahlale kuwo ngesinye isikhathi esizayo.

“Ziyamangalisa lezi zithombe. Kodwa imniningwane yazo esinayo nesizoyisebenzisa yikhona okungenza ngijabule kakhulu,” kusho isekela likasosayensi wohlelo uDkt Amber Straughn etshela i-BBC News.

NgoLwesibili kukhishwe izithombe ezimangalisayo ze-cosmos okuhlanganisa nezithombe ze-stellar nursery kanye ne-cosmic dance. 

Izihloko zakamuva