
Celani Sikhakhane
Kubukeka sengathi isiphelelwe yindawo yokucasha iminyango kahulumeni ekweleta amanzi nogesi komasipala.
Emasontweni ambalwa edlule uMasipala wase-Tshwane kanye noMasipala waseGoli badalule iminyango eneminyaka ingazikhokhi izikweletu zayo.
UMasipala wesiFunda i-Zululand usuphenduke abaphathi bendawo bakamuva ukuveza obala izimali ezikweletwayo.
Ngokusho kweMeya yesiFunda uMnu Thulasizwe Buthelezi, iminyango kahulumeni yesifundazwe ikweleta imali engi-R6.6 million wezikweletu zamanzi ezingakakhokhelwa.
UButhelezi uthe uMnyango wezeMpilo, oweMfundo, owezokuThuthukiswa koMphakathi kanye nezigodlo ezimbili zeNdlunkulu kaZulu, kwaKhangelamankengane naseNyokeni, kuphakathi kwezikhungo ezinkulu ezikweletayo.
“Ngesikhathi izakhamizi ezijwayelekile zikhokhela amanzi nogesi uHulumeni wesiFundazwe usaqhubeka nokukhombisa isiko lokuzikhukhumeza mayelana nezinsiza ozitholayo,” kusho uButhelezi.
INhloko yezokuXhumana kuhulumeni KwaZulu-Natali, uMnu Lennox Mabaso, ukuchithile okushiwo uButhelezi wathi lezi zibalo azilungile.
“Kuyadida okushiwo uButhelezi ngoba abasebenzi bakhe sebexolisile ngezinsolo zakhe zaphambilini mayelana nezikweletu zamanzi ezigodlweni zaseNdlunkulu, lezi zikweletu akhuluma ngazo yizikweletu zenyanga ezikhokhwa yiminyango efanele njalo ekupheleni kwenyanga,” kusho uMabaso.
“UNdunankulu uZikalala usephinde waxoxisana nomgcinimafa ukuthi abeke phambili ukukhokhelwa kwazo zonke izinsiza zikamasipala okubalwa ne-Zululand nakuba sinenkinga ngohlelo lwabo lokukhokha.
Khonamanjalo, ngoMsombuluko uMasipala waseGoli udalule ukuthi sebeyinqamulile imisebenzi kamasipala enkampanini yezokuHlunyeleliswa kweziMilo eGoli ekweleta imali engu-R6.8 million.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnu Singabakho Nxumalo, utshele i-Cape Talk ukuthi bakhokhe imali ethile base bexhunyelwa ugesi namanzi.
Uthe lesi sikhungo besiqashwe kumnikazi wendawo kanti njengomuntu wesithathu bebengazi ukuthi kunezinkokhelo ezikweletwa umasipala.