
Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Zisembalwa izinsuku iqalile imidlalo yeNdebe Yomhlaba e-Qatar nobuhle bebhola likanobhutshuzwayo sebuyavela.
Impikiswano ngombukiso bekulindeleke ukuthi kube iyona enakwa kakhulu, kodwa ngesikhathi i-Saudi Arabia ishaya iqembu okungelinye lamaqembu amakhulu emlandweni weNdebe Yomhlaba kugcine kuba ibhola elinakwa kakhulu.
I-Saudi Arabia ikwenze konke okusemandleni ayo ukuthi ishaye i-Argentina, okuyiqembu eliyintandokazi okuthiwa yilo elizophakamisa isicoco.
Ukunqoba okufana nalokhu kuyohlale kukhona emlandweni webhola hhayi we-Saudi Arabia kuphela.
Imiphumela yangoLwesibili ntambama yiyo ekhombisile ukuthi empeleni imayelana nani iNdebe Yomhlaba.
Kube isikhathi esiyingqayizivele ngendlela yokuthi iNkosi yase-Saudi Arabia ize yamemezela ukuthi umhlaka-23 kuMfumfu usuzoba iholidi.
I-Saudi Arabia noma ingasadlulelanga phambili kodwa ukunenebula i-Argentina kuyohlale kuyinto abayihloniphayo.
Kolunye uhlangothi, i-Argentina kanye nabalandeli bayo akufanele badangale kakhulu ngenxa yemiphumela. Ngo-2010 i-Spain sahlulwa emdlalweni waso wokuqala kodwa sagcina siyithathile iNdebe.
Yize noma kungeyona into ehlaba umxhwele kubadlali baseNingizimu neMelika, kodwa kungaba into abayidingayo ukuze banyuse izinga.
Izikhathi ezithokozisayo ziqhubekile ngesikhathi i-France ibhekana ne-Australia ngoLwesibili ebusuku. Njengoba elimele uKarim Benzema owawina i-Ballod O’d, kungene umakadebona u-Olivier Giroud esikhaleni sakhe.
I-Australia ibicabanga ukuthi nayo izinto zizoyihambela kahle njengoba ishaye igoli emizuzwini eyishumi umdlalo uqalile.
Kodwa akwenzekanga kanjalo njengoba i-France ithole amagoli amane kwelilodwa. Okubalulekile futhi ukuthi amagoli amabili kulawa amane ashawe uGiroud.
Lamagoli amabili abalulekile ngoba amubeke ezingeni likaThierry Henry lokuba umshayi wamagoli amaningi eqenjini lesizwe sase-France, ukushaya amagoli angu-50. UGiroud useshoda ngegoli elilodwa ukuze ezoba umdlali oseshaye amagoli amaningi e-France.
Esesithombeni esingenhla: I-Saudi Arabia ibungaza
Umthombo wesithombe: @Goal