Kwehlile ukuthengiswa kwezakhiwo e-China

Kamogelo Olaitan

Njengoba ukuthengiswa kwezakhiwo kwehla kakhulu e-China futhi ezinye izinkampani zihluleka ukukhokha izikweletu zazo, abathuthukisi bebelokhu bamukela umkhiqizo wasemapulazini njengediphozithi yezindlu ezintsha.

Ezikhangisweni zazo ezinkundleni zokuxhumana izinkampani zithe zizothatha imikhiqizo yasemapulazini efana namapentshisi, amakhabe nogaligi ngenhloso yokuheha abathengi.

Umthuthukisi empumalanga ne-Nanjing uthe uzokwamukela amakhabe angu-5,000 kg kubalimi ngenani le-yuan yase-China engu-100,000. Lokho kungaphezu kokuphindwe kabili kwalokho obekungabiza ezimakethe zendawo.

Inkampani yezakhiwo i-Central China Management iqhube umkhankaso wezinsuku ezingu-16 ngesikhathi yamukela khona ugaligi njengenkokhelo ephansi yezindlu ezisesifundeni sase-Qi okuyisifunda esikhiqiza kakhulu ugaligi ngokusho kombiko we-Global Times.

“Sisiza abalimi ngothando nokwenza kube lula ukuthi bathenge emakhaya,” kusho le nkampani eposini le-WeChat.

Ngaphansi kwesivumelwano u-600g kagaligi yenani lakhe ngokwama-yuan amahlanu ase-China cishe inani eliphindwe kathathu lentengo yalo yemakethe.

Le nkampani ithe yamukele ogaligi abangu-860,000 ezivumelwaneni ezibandakanya izindawo ezingu-30. Ugaligi uyingxenge yekhilogremu.

Izibalo ezisemthethweni zenyanga kaNhlaba zikhombisa ukuthi ukuthengiswa kwezindawo zokuhlala e-China kwehle ngo-41.7% nyakenye, okuyinyanga yeshumi nanye ilandelana ngokusho kwe-BBC.

Kodwa ukukhushulwa kwezikhundla okuqale ngoNhlaba obekumele kuphele ngesonto elizayo ngoLwesihlanu sekumisiwe ngaphandle kwencazelo.

Unjiniyela wasempumalanga yedolobha lase-Nanjing utshele i-Global Times ukuthi batshelwe ukuthi behlise izikhangiso zabo ngaphandle kwencazelo.

“Sitshelwe ukuthi asisuse zonke izingqwembe ezikhangisayo ezinkundleni zokuxhumana,” kusho unjiniyela.

Izihloko zakamuva