Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Imiphumela yokhetho lwesikhombisa lwentando yeningi lwangomhlaka-29 kuNhlaba ibonise ukwehla okumangazayo kwamaqembu ezombusazwe ayenamandla phambilini abunjwa njengamaqembu ahlubuka ku-ANC – kusukela ngo-1959 kwaze kwaba sekuqaleni kwentando yeningi ngo-1994.
I-Pan Africanist Congress (PAC) kaRobert Sobukwe yahlubuka ku-ANC ngo-1959. Yaphikisana nobudlelwane be-ANC namaKhomanisi, inkolelo yayo yokuthi “umhlaba ungowabo bonke abahlala kuwo, abamhlophe nabamnyama”, kanye nombono wayo wezinhlanga eziningi.
Njengoba yangenela ukhetho lokuqala ngo-1994, i-PAC yathola izihlalo ezinhlanu ePhalamende likaZwelonke. Okhethweni lwango-1999 yathola izihlalo ezintathu futhi yazigcina ngo-2004.
Ukwehla okumangalisayo kokwesekwa kwe-PAC kwaqhubeka okhethweni lwango-2009, lapho eyathola khona amavoti angu-48,530 yathola isihlalo esisodwa kuphela. Ngo-2014 ukwesekwa kwayo kwehla kwafinyelela ku-37,784 yathola isihlalo esisodwa eSishayamthetho sikazwelonke. Yaphinde yehla okhethweni lwango-2019 yafinyelela ku-32,677 yaphinde yagcina leso sihlalo esisodwa.
Okhethweni lwakamuva, ukusebenza kweqembu kwenyuke kancane ngamavoti angu-4,039 nokuyinto eyenze ukuthi ligcine isihlalo esisodwa elinaso.
Okhethweni lwesibili lwentando yeningi ngo-1997 kwazalwa i-United Democratic Movement (UDM), eyasungulwa nguBantu Holomisa. Yangenela ukhetho lokuqala likaZwelonke ngo-1999, leli qembu lathola izihlalo ezingu-14 ePhalamende likaZwelonke futhi laba phakathi kwamaqembu amahlanu ahamba phambili.
Ngo-2004 ukwesekwa kwalo kwehla kwafinyelela ezihlalweni eziyisishiyagalolunye, kwathi ngo-2009 lehla lafinyelela kwezine. Ngo-2014, leli qembu lazigcina izihlalo zalo lakhula kancane lisuka ku-149,680 laya ku-184,636.
Okhethweni lwango-2024, i-UDM ithole amavoti angu-78,575, u-0.49% kuphela wamavoti esewonke. Ngaleyo ndlela, leli qembu lithole izihlalo ezimbili kuphela ePhalamende nesisodwa esiShayamthetho sase-Eastern Cape.
Iqembu lesithathu elahlubuka ku-ANC i-Congress of the People (Cope) ngo-2008. I-Cope yayingelinye lamaqembu avelele okhethweni lwango-2009, yathola izihlalo ezingu-30 ngamavoti angaphezu kwesigidi.
Kodwa izimpi ezishubile zobuholi phakathi kukaMnuz Mbhazima Shilowa noMnuz Mosiuoa Lekota, obengumholi ku-ANC, ziholele ekutheni kube namacala amaningi ezinkantolo eminyakeni edlule, nokwesekwa kweqembu kwaphazamiseka. Ngo-2014 lathola izihlalo ezintathu ePhalamende kodwa yaba nezihlalo ezimbili kuphela ngo-2019.
Ukwenza kabi kakhulu kweqembu kwenzeke ngo-2024, lapho elalahlekelwa khona yizo zonke izihlalo nokumelwa kuzo zonke izifundazwe. Lithole kuphela amavoti angu-14,177 (0.09%).
Okhethweni lwakamuva, iMK okuyiqembu elisha elihlubuke ku-ANC elisungulwe ngoZibandlela lithole izihlalo ezingu-58 ePhalamende ngamavoti angaphezu kwezigidi ezimbili nokuyinto ebabazeka ngendlela emangalisayo.
Esithombeni esingenhla: COPE
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe