Kwashaywa isikhala kuqoqwa ubufakazi kwelikaMeyiwa

Lungani Zungu

Uma ebheka emuva ngendlela aqoqa ngayo ubufakazi esigamekweni sobugebengu okwashona kuso isihlabani sebhola uSenzo Meyiwa, ufakazi wokuqala wombuso uSayitsheni Thabo Mosia uvumile ukuthi “amaphutha” enziwa.

Kodwa-ke, uMosia uthe ubufakazi bakhe buthembekile futhi buyiqiniso.

Ubethula ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseGoli ePitoli, ngoLwesithathu.

Ngemuva kobufakazi bakhe, uMosia utshele izintatheli ukuthi engashintsha “izinto eziningi” uma kungenzeka abuyele endaweni lapho uMeyiwa adutshulwa wabulawa khona ngomhlaka-26 kuMfumfu ngo-2014.

UMeyiwa owashona ngesikhathi edlalela i-Orlando Pirates kanye neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe yangaleso sikhathi uKelly Khumalo e-Vosloorus, eGoli.

“Ngiyakholelwa kuNkulunkulu, futhi konke engikushilo kuyiqiniso,” kusho uMosia ngemuva kokuphekwa ngemibuzo ka-Advocate Zandile Mshololo ongummeli kammangalelwa wesihlanu.

UMshololo uthe kunamaphutha asobala enziwa uMosia ongumseshi wamaphoyisa ngesikhathi eqoqa ubufakazi bakhe ngalobo busuku benhlekelele.

Imizamo yokuthola ababulali bakaMeyiwa ike yaba nempikiswano ngenxa yokuba khona kwamadokodo amabili anezincazelo ezahlukene zalokho okwenzeka ngalolo suku.

Idokodo lokuqala ebeliphambi kwenkantolo lidalule amadoda amahlanu njengabasolwa ngokubamba inkunzi: uMuzikawukhulelwa Sibiya, uBongani Sandiso Ntanzi, uMthobisi Prince Mncube, uMthokoziseni Ziphozonke Maphisa kanye noFisokuhle Ntuli.

Kodwa idokodo lesibili lidalule abantu ababesendlini njengabasolwa abaqavile.

Enkantolo kuthiwe phakathi kwabantu ababekhona ngesikhathi kubulawa uMeyiwa, uKelly Khumalo, umama wakhe, udadewabo uZandi kanye nendodana kaChicco Twala uLongwe.

NgoLwesibili, uMshololo ulaxaze isicelo sakhe sokungeniswa okukhethekile mayelana nedokodo lesibili.

UTimothy Thabane ommele abamangalelwa abane bokuqala, ugxeke uMosia ngalokho akubize ngomsebenzi omubi endaweni yesigameko.

Ubuze uMosia ukuthi ngabe usebuvalile yini bonke ubufakazi, okubalwa nekepisi, uMosia waphendula wathi yebo.

Kodwa uMosia ngokuhamba kwesikhathi uvumile ukuthi akazange azithathe izithombe zobufakazi obuthathiwe.

Umbuso uthe uzobiza abanye ofakazi abazofakaza ukuthi abasolwa abahlanu ababoshiwe yibo ngempela ababulali bakaMeyiwa noma cha.

Icala liyaqhubeka.

Umthombo wesithombe: @DispatchLive

Izihloko zakamuva