Dylan Bettencourt
Kwethulwe isigcinamagugu endizeni yase-Argentina njengesifiso sokuhlonipha isihlabani sebhola uDiego Maradona – ongasekho.
Indiza i-Tango D10S exhaswa inkampani yase-Argentina ye-fintech izondiza izungeze iNingizimu yeMelika ngaphambi kokulibangisa e-Qatar kwiNdebe Yomhlaba ye-Fifa.
Le ndiza enesigcinamagugu izovakashela e-Barcelona nase-Naples lapho okukhona amaqembu aseke awadlalela uMaradona.
Indiza ibonisa isithombe sikaMaradona eqabula indondo yeNdebe Yomhlaba kanye nezinye izithombe zamagoli angundabamlonyenu aseke awashaya ngonyaka ka-1986.
Uphiko lwesokunxele luveze isithombe segoli eladuma ngokuthi iSandla SikaNkulunkulu ngasohlangothini lwesokudla kukhona isithombe esikhombisa igoli elabawinisa iNdebe yoMhlaba.
Lo mdlali webhola obegqoka ijezi ebelibhalwe inombolo yeshumi udlule emhlabeni ngoLwezi nyakenye kulandela ukumelwa inhliziyo.
“Ngimthanda kakhulu uMaradona ngingomunye walabo bantu abasabuka amavidiyo kaDiego ngaphambi kokuba ngilale ebusuku,” kusho i-CEO ye-Give and Get uGaston Kolker etshela abe-Reuters.
“Ozakwabo babemangala ngezinto ezazenziwa uMaradona ngesikhathi bewina iNdebe Yomhlaba ngo-1986.”
Abalandeli bakaMaradona bazokwazi ukugibela indiza futhi babone izingcezu ezimbalwa zezikhumbuzo ezivela emsebenzini wakhe futhi bazokwazi ukushiya umyalezo kuye kanye neqembu eliwina iNdebe Yomhlaba ka-1986.
Indiza ibikhonjiswa esikhumulweni sezindiza i-El Palomar ngaphandle kwase-Buenos Aires lapho amalungu amaningana omndeni wakwaMaradona ebekhona.
“Lokhu okwenzakalayo akukholakali,” kusho indodakazi yakhe uDalma.
“Uthando abantu abanalo ngaye ludlula noma yini ongayicabanga.”
Kodwa-ke into eyodwa engeke ikhonjiswe kwisigcinamagugu ijezi likaMaradona elaligqokwe ngesikhathi ehlohla igoli eladuma ngokuthi iSandla sikaNkulunkulu ngemuva kokuba lidayiswe ngo-R140 million ekuqaleni kwale nyanga.
I-Argentina Football Association yenza umzamo wokuthenga leli jezi kodwa ayizange iphumelele.
“Kufanele ngabe lise-Argentina ukuze bonke abantu base-Argentina balijabulele hhayi ukuthi usozigidi alithengele ukuyolifaka ekhabetheni lakhe,” kusho ilungu lenhlangano.
Umthombo wesithombe: @BusinessInsider