Kwakhiwe isathelayithi ezosiza abezolimo

Dylan Bettencourt

Isathelayithi yezolimo eyakhiwe e-Stellenbosch izoyiswa eMelika okuyilapho ezohlolwa khona ngaphambi kokwethulwa enkampanini ka-Elon Musk’s SpaceX.

Isathelayithi ebizwa nge-EOS SAT-1 izothuthukisa izinqubo ezizinzile zemboni yezolimo futhi yakhiwe i-Dragonfly Aerospace.

Inkampani ekhiqizayo ichaze ukuthi isathelayithi izohlinzeka imboni yezolimo nezamahlathi ngemininingwane eseqopheleni eliphezulu.

Ngemuva kwe-EOS SAT amanye amasathelayithi ayisithupha azosetshenziswa ngo-2025.

Ukuhlolwa ngaphambi kokwethulwa eMelika enkampanini i-SpaceX ephethwe uMusk owazalwa kuleli kuzokwenzeka ngoZibandlela okuyilapho izothunyelwa ku-Earth orbit.

Isathelayithi izohlinzeka ngolwazi oluthathwe kwezolimo.

“Le mniningwane izosekela abalimi ngokunciphisa ukukhishwa kwe-carbon dioxide futhi ibasize ukuthuthukisa izindlela eziqhubekayo zezolimo ngaphandle kokulahlekelwa imali,” kusho i-Dragonfly Aerospace kubika i-Business Insider.

“Ulwazi olunjalo luzoba nezinzuzo ezibalulekile zemvelo emhlabeni futhi lusize ekuvimbeleni izindawo zemvelo ukuthi zinciphe ukuze kukhule izitshalo.”

Isikhulu esiphezulu se-Dragonfly uBryan Dean uthi isathelayithi ingeyokuqala ngqa emhlabeni jikelele.

“Lokhu kube iphrojekthi ebalulekile yeqembu lethu lonke futhi kusivumele ukuba sibonise amakhono ethu hhayi nje ekukhiqizeni izithombe eziphezulu ze-electro-optical imagers, kodwa ukubonisa nasekukhiqizeni uhlelo olugcwele lwe-imaging satellite,” kusho uDean.

“Kuwumuzwa omangalisayo ukubona i-EOS SAT-1 ishiya izakhiwo zethu futhi ithatha isinyathelo esilandelayo ohambweni lwayo lokuletha imininingwane ebalulekile ezoba nezinzuzo ezibalulekile zemvelo emhlabeni wethu.”

Isithombe esingenhla ngesesathelayithi yezolimo ye-EOS SAT-1

Umthombo wesithombe: @BusinessInsider

Izihloko zakamuva