Zukile Majova
Izakhamuzi enkabeni yedolobha lase-Ukraine, i-Kyiv, ziyaqhubeka nokufuna indawo yokukhosela ephephile ngenhloso yokuzivikela njengoba iRussia iqhubeka nokuhlasela kuleliyazwe.
Noma ngabe imaphi amasu okulawula izinhlekelele ezenzeka emadolobheni ase-Ukraine ezazikhona ngaphambi kokuba izwe lizithole liphakathi nempi awasizi ngalutho futhi awanele ukuvikela abesifazane nezingane kulokhu kuhlasela.
Lokhu kungenze ngacabanga ngemizamo eqhubekayo esifundeni i-Alfred Nzo yokuqinisekisa ukuthi kuba nehholo lomphakathi.
Lesi sifunda sihlanganisa ezinye zezindawo ezinhlwempu kakhulu eNingizimu Afrika, okubalwa KwaBhaca (i-Mt Frere), Emaxesibeni (i-Mt Ayliff), iNtabankulu, i-Bizana kanye ne-Matatiele.
Izinguquko zakamuva zesimo sezulu ziguqule sonke lesi sifunda saba indawo yenhlekelele.
Cishe iyisihlanu imindeni ngakithi e-Mvuzi KwaBhaca izindlu zayo ezicekeleke phansi ngenxa yezimvula ezinamandla ezisanda kuna. Uma lina kakhulu umuzi uvele uwe, ezikhathini eziningi umndeni usuke ungaphakathi.
Omakhelwane benza konke okusemandleni ukuhlalisa abakhahlamezekile. Kodwa ungadela isikhathi esingakanani ukusebenzisa umuzi wakho ukukhoselisa umndeni wonke?
Ingakho sithole indlela entsha yokusebenzisa amahholo omphakathi njengendawo yokukhosela uma sekusondele izimvula ezinamandla.
Sekujwayelekile ukuthi abantu bangayithembi imizi yabo, uma kunesiphepho noma liduma, bafune ukukhoseliswa emahholo omphakathi nasezikoleni zikahulumeni ezisanda kwakhiwa.
Abantu baze bafune ukukhoseliswa ezindlini zomxhaso nasezindlini zangasese zomxhaso.
Ukuduma kwezulu nesishingishane kuthusa kakhulu endlini ozakhele yona.
Njengoba la mahholo omphakathi eza namathange amanzi agcwala ngamanzi emvula, asiza imiphakathi uma iziphethu zendawo zomile ngenxa yobusika futhi njengezindawo zokukhosela ezingaphansi ezibizwa ngama-air raid ezavikela izinkulungwane zezakhamuzi zase-London phakathi nempi yezwe yesibili.
Njengoba ama-air raids aphendulazisa abantu ngesikhathi amabuthase-Germanyan eqhumisa amabhomu ombutho wezindiza wase-Germany, kanye nezindawo zokuhlala ezisindisa izimpilo e-Ukraine namuhla, lapha KwaBhaca amahholo omphakathi wethu siwasebenzisa njengezindawo zokukhosela ezithenjwayo esimweni sezulu esibi.