Kuzoxubha amadoda kweyoMusangwe

Elmon Tshikhudo

Ukujabula kanye nomculo wama-Mbila kugcine abashayi besibhakela bendabuko bejabule emhlanganweni we-Musangwe e-Makonde ngaphandle kwase-Thohoyandou e-Limpopo.

Sekuphele iminyaka emibili abashayi besibhakela bendabuko belwa ngesikhathi samaholidi esikole namanye amaholidi abekhona ngenxa ye-Covid.

Lo mdlalo othandwa kakhulu abantu base-Vhavenda wasuka njengento yokuchitha isizungu kubafana nabesilisa beziqhubela isikhathi ngemuva kokulusa imfuyo emahlathini.

NgoMgqibelo enkundleni i-Jim Masindi e-Makonde abafana, abesilisa kanye namakhehla asezigodini ahlangane ukuze azozibonela ngawabo amehlo umdlalo abawukhonzile.

Umholi wendabuko wendawo uKhotsimunene Nnyadzeni Ravhura kanye nabanye babambe iqhaza kulo mqhudelwano wamasonto onke ozoba nezimpi zokugcina ngosuku lwentsha ngomhlaka-16 kuNhlangulana.

“Lo mdlalo awuzange usinde ngenxa ye-Covid. Njengomphakathi saphuthelwa imibuthano efana nalena kuthe uhulumeni esesivumele ukuthi sihlangane sabuyela ezimpandeni zethu,” kusho uRavhura.

Uthe balungiselela umdlalo wamanqamu omkhulu ozoba isisekelo sezinto ezenziwa intsha kule ndawo.

Abesilisa nabafana abancane bakhetha omunye nomunye ukuze balwe. Baphinde babanikeze izikhuthazo zokuthi babuye futhi.

“Silandela ezinyathelweni zokhokho bethu abagqugquzela ubumbano emphakathini ngezemidlalo,” kusho uRahura.

Uthe lokhu kuzoqhubeka njalo ngoMgqibelo kanti izimpi zizophela uma sekusondele umdlalo wamanqamu.

Bonke abaphumelele kowamanqamu bazohlomula imiklomelo emikhulu. Ucele abathintekayo okuhlanganisa abalwayo ukuthi bathinte uWilson Mudogwa ku-079 744 0618 noma uSimon Mashavha ku-079 941 8541.

Scrolla World Cup Quiz