Lubhalwe nguZukile Majova
Iqiniso elibuhlungu lenkinga yokucishwa kukagesi kuleli izoba iphupho elibi kuleli sonto njengoba izakhamizi kanye namabhizinisi ezohlala amahora ayisishiyagalombili kuya kwangu-12 ngosuku engenagesi.
Isigaba sesithupha sivamise ukuba into embi kakhulu ezinyathelweni ezahlukene ku-Eskom zokulawula igridi kagesi egugile yezwe.
Kodwa ngoMsombuluko abaphathi bakwa-Eskom bathe benza konke okusemandleni ukugwema ukukhushulwa kokucishwa kukagesi ukuthi kuye esigabeni sesishiyagalombili.
Lokhu akuzwakali kodwa bekulokhu kuyinto engenzeka.
Isikhulu sakwa-Eskom u-Andre de Ruyter uthe ukucishwa kukagesi kwesigaba sesithupha kuzoqhubeka kuze kube uLwesithathu kusihlwa.
Uma konke kuhamba ngohlelo isigaba sesine sizoqala ngoLwesine ekuseni bese kuthi ukucishwa kukagesi kwehlele esigabeni sesithathu ngempelasonto.
Esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko isikhulu esiphezulu esiphumayo sithe okungenani amayunithi ayisishiyagalombili aphehla ugesi ahlulekile kanti ukutholakala kwamalahle kubeke izingqinamba ezinkulu kwigridi kagesi.
“Sibheke i-Lethabo kwiyunithi yesine, yesihlanu neyesibili nakwiyunithi yase-Camden.
“Ngemuva kwalokho sibheke ukuthi sibuyele esimweni ekupheleni kosuku lwangoMsombuluko cishe ngamandla angu-3,000MW kulandele angu-2,000MW ngoLwesibili, ngoLwesithathu nangoLwesine.
“Lokho kuzonciphisa kakhulu ingcindezi esibhekene nayo mayelana nomthamo wokukhiqiza futhi kuzonciphisa ubungozi,” kusho uDe Ruyter.
Ukugwema isigaba sesishiyagalombili uDe Ruyter uthe basebenzisa kanzima izinjini zabo zegesi ezijikelezayo wengeza
ngokuthi balwa nenkinga yokushoda kwamandla okukhiqiza angaphezu kuka-6,000MW ngezikhathi okusetshenziswa ngazo kakhulu ugesi.
“NgoMsombuluko silahlekelwe ngokuphelele amandla angu-12,318MW okuyisibalo esiphezulu kakhulu nesizathu sokucishwa kukagesi kwesigaba sesithupha.
“Sibe sesilahlekelwa ingxenye yomthwalo wethu – ngezinga eliphezulu kakhulu – amandla angu-5,993MW futhi sibe nokulahlekelwa kwamandla okuhlobene ikakhulukazi nokuhlinzekwa kwamalahle e-Lethabo ngamandla angu-2,100MW.”
Singakubeka kalula nje sithi u-Eskom udinga u-27,282MW ngamahora okusetshenziswa ngawo kakhulu ugesi kodwa ukwazi ukuhlinzeka ngo-21,289MW kuphela.
Konke ukushoda kwamandla angu-1,000MW kulingana nesigaba esisodwa sokucishwa kukagesi.
Akugcini lapho.
UDe Ruyter uthe uma kungena izinyanga zasebusika bekunezinkinga ezinkulu zesakhiwo eziteshini zikagesi i-Kusile nase-Koeberg okusho ukuthi uma sezizonke izwe lizoba nokushoda okungadingekile kwamandla angu-5,000MW wokukhiqiza ugesi.
“E-Medupi isiteshi sikagesi kwiyunithi yesine sibe nenhlekelele yokuqhuma kwe-hydrogen okuhlelelwe ukuthi iqale ukusebenza ngoMandulo ngonyaka ozayo.”