Kuzothulwa amaqembu abesifazane  omdlalo webhola lasolwandle 

Lubhalwe nguThathe Msimango

Amaqembu angu-12 abesilisa e-Pro Beach Soccer League South Africa (PBSL) ekugcineni asezojoyinwa iligi yabesifazane ezoqala ngomhlaka-14 kuMasingana!

Ngesikhathi i-PBSL yethulwa okokuqala eminyakeni emibili edlule, inhloso yale nhlangano kwakukwakha iligi yabesifazane kanye neyabesilisa.

Lezi zindaba ziqinisekiswe nguMengameli we-PBSL, uGordon Masondo oveze ukuthi ayisithupha amaqembu azobhekana kwiligi yokuqala ngaphambi kokuthi kwengezwe amanye ngesizini ezayo.

“Siletha izintokazi ukuthi zibe ingxenye yebhola lezinyawo elidlalwa olwandle kanti yinto osekunesikhathi eside siyixoxa futhi siyajabula ukuthi izogcina yenzeka,” kusho uMasondo etshela i-Scrolla.Africa.

“Isizathu esenza ukuthi sikhethe amaqembu ayisithupha okwamanje ukuqinisekisa ukuthi womabili amaligi aphela ngesikhathi esisodwa kusukela ngonyaka ozayo futhi sinethemba lokuthi sizoyikhulisa kakhulu kunalokhu eyikho, njengoba sonke sazi ukuthi kuyinto enhle ukuletha abesifazane kwezemidlalo. Futhi sizama ukuvumela ukulingana kube yinto esiphila kuyo kwezemidlalo,” engeza.

Ngaphandle kokubhekana nezinselelo ezinkulu uMasondo ukholelwa ukuthi lo mdlalo ungaduma kuleli.

“Njengoba lo mqhudelwano udlalelwa eThekwini sinethemba lokuthi uzokapakela nakwezinye izindawo kuleli, kantingesizini edlule sibone iqembu lase-Richard’s Bay lidla umhlanganiso kwiligi ngakho kukhombisa ukuthi ithalente likhona kwezinye izindawo.

“Ziphezulu izindleko zamaqembu ahambela eThekwini ngaso sonke isikhathi, ngakho wonke umuntu ulifanele ithuba lokusingatha. Zikhona e-zine izinhlelo esinazo, kodwa besingakaphothuli,” kuphetha uMengameli weligi.

Isithombe esingenhla: Siveza ibhola elidlalwa olwandle

Umthombo wesithombe: Depositphotos

Izihloko zakamuva