Lubhalwe nguRazeen Gutta
I-Manchester City izokwamukela i-Arsenal ngoLwesithathu emdlalweni ozonquma kahle ukuthi yiliphi iqembu elizophakamisa indebe ye-Premier League kulo nyaka.
Amasonto amahlanu emidlalo yeligi ebukelwa kakhulu asazosala ngemuva komdlalo omkhulu kodwa-ke, kukhona umdlalo onzima olinde i-Manchester ne-Arsenal.
I-Arsenal ingemuva kwe-Manchester City ngamaphuzu amahlanu njengoba isidlale imidlalo emibili ngaphezu kompetha – futhi ibingakaze ihlulwe emidlalweni eyishumi yeligi.
Iqembu likaMikel Arteta lidlale imidlalo emithathu ngokulingana kulandelana kodwa-ke, ngempelasonto likwazile ukukushintsha lokho libhekene ne-Southampton esendaweni ephansi.
Yize kunjalo, u-Arteta uyagcizelela ukuthi “akasakwazi ukulinda” ukudlala ne-Manchester City.
“Angisakwazi ukulinda, lena imidlalo ofuna ukuyidlala. Uma konke kusengcupheni kufanele uye lapho ukuze uwine. Impela umdlalo uzolungiselelwa lokho, nakanjani,” kusho u-Arteta etshela i-BBC Sport.
Kumuntu afunde okuningi injabulo iyafana.
“NgoLwesithathu kuzobe kuwumdlalo wamanqamu sibhekene neqembu eliyiqembu elihamba phambili eNgilandi kuze kube manje futhi liphambi kwethu ngamaphuzu amahlanu,” kusho uGuardiola esithangamini nabezindaba.
“Ngiyazi ukuthi yize bedlale ngokulingana emidlalweni emithathu edlule indlela abadlala ngayo isezingeni eliphezulu ngakho kunzima ukuthi bayeke. Lona umdlalo omkhulu nobalulekile kithina. Siyazi ukuthi ukuwina kuzosinika igxathu lokuthi siphumelele ukwenza konke okusemandleni ethu ukuwina.”
“I-Premier League iyizinyanga ezingu-11 zokusebenza. Futhi sifuna ukuthatha leli thuba. Ngeke sikwazi ukukwenza sodwa. Ngiyethemba ukuthi i-Etihad izobe igcwele amahora amathathu ngaphambi komdlalo.”
Ngemuva kwalo mdlalo omkhulu lezi zinhlangothi ezimbili kusazofanele ukuthi zibhekana ne-Chelsea kanye ne-Brighton.
Njengoba i-Arsenal ilindwe umdlalo lapho ezobhekana khona ne-Newcastle United kanye ne-Wolves, i-Manchester City kusamele ibhekane ne-West Ham kanye ne-Brentford.
Esithombeni esingenhla: UPep Guardiola
Umthombo wesithombe: @City_Chief