Lubhalwe nguMichael Madyira
Abaphathi beKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jnr noSiphiwe Mkhonza bachaze ukuthi kungani Amakhosi kumele ehlule i-Orlando Pirates kowe-Soweto Derby ngoMgqibelo.
La maqembu womabili azotholana phezulu emdlalweni we-Premier Soccer League enkundleni i-FNB. Nakuba omabiliephuma embangweni wesicoco ngemuva kweMamelodi Sundowns eqhwakele ku-log, kuningi okusamele bakudlalele ngoMgqibelo.
Lo mdlalo ozobe ubhekwe ngabomvu uqhamuka njengoba iChiefs esendaweni yesihlanu isanqobe kanye emidlalweni yayo emihlanu yeligi.
Le midlalo emihlanu ihlanganisa ukuhlulwa aMaZulu ngamagoli amane eqandeni, ukushaywa iSundowns ngegoli elilodwa eqandeni, umdlalo wabo ophele ngokulingana neTS Galaxy enabadlali abayishumi ngempelasonto edlule baphinde baguqiswa iGolden Arrows ngamagoli amathathu kwamabili.
UMotaung Jnr owake waba ngumgadli futhi osengumqondisi wezemidlalo e-Naturena, ubona ukuthi ukunqoba i-derby yikhona okudingwa Amakhosi ukuze kuguqule ishwa labo kule sizini enzima kangaka kubona.
“Awekho amagama angachaza ukuthi kubaluleke kangakanani ukuwina lo mdlalo,” kusho uMotaung Jnr.
“Lo mdlalo ujabulisa abalandeli abaningi futhi unikeza abantu ubunikazi nokuzethemba. Lo kuba umdlalo omkhulu kanobhutshuzwayo futhi uba sematheni kwelakuleli.
“Kumele bawuthathe njengomdlalo omkhulu ozobasiza emashweni okuhlulwa futhi siwulindele ngabomvu.
Indlela engcono kakhulu yokungena esigabeni esisha esihle ukuba nomphumela omuhle we-derby.”
Izimbangi zeChiefs zase-Soweto, iPirates isahlulwe kanye emidlalweni yayo emihlanu edlule yanqoba eminye emine futhi yazibeka endaweni yesithathu.
Lokhu kugijima kwefomu kubenze basalele emuva ngamaphuzu amabili kuSuperSport United esendaweni yesibili.
Nakuba amaBhakabhaka esanda kwenza kahle ikakhulukazi uma ehlasela azobhekana neqembu leChiefs elinamaphutha amaningi emuva.
Ukuhlulwa kwaMakhosi kumeme ukugxekwa okukhulu, kanti owake wadlala noMotaung Jnr uMkhonza ukholelwa ukuthi ukunqoba ngoMgqibelo kubalulekile ukuze babuyise isithunzi sabo.
“Ukunqoba i-derby kushintsha ukuguquguquka kwemizwa ngaphakathi eqenjini,” kusho uMkhonza.
“Lo mdlalo wasungulwa ngenxa yomlando phakathi kwala maqembu womabili, kodwa ikakhulukazi umlando weChiefs ngoba yiwona omkhulu kulo mdlalo.”
Kuyathakazelisa ukuthi iChiefs iwine imidlalo emine yokugcina ye-Derby emidlalweni yokuncintisana, okuhlanganisa neyomdlalo weligi ngoNcwaba nyakenye.
Isithombe esingenhla: UYusuf Maart ejabulela igoli lakhe bebhekene nePirates ngomhlaka-29 kuMfumfu nyakenye
Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs