
Dylan Bettencourt
Njengoba ibhola lasekhaya seliqalile ukushuba, abalandeli bebhola bangalindela inqwaba yemidlalo ethokozisayo yebhola abazoyibuka kumabonakude kule mpelasonto.
➤ I-Premier League ibuyile ngemuva kwekhefu lasebusika lamasonto amabili nokudlalwa phakathi nesonto futhi imidlalo iyaqhubeka kuze kube ngempelasonto njengoba isizini iya ngegiya eliphezulu.
Kuzoshuba ngoMgqibelo njengoba i-Manchester United izobhekana ne-Southampton. I-United iphume ngemuva kokuphoxeka ngesikhathi iqeda umdlalo ngokulingana ngo 1-1 ne-Burnley kwathi i-Southampton yashaqisa i-Tottenham Hotspur ngokunqoba ngo 3-2.
Umdlalo phakathi kwe-United ne-Southampton uzoqala ngo-2.30 ntambama ngoMgqibelo.
NgeSonto kuzoba nenqwaba yemidlalo ethokozisayo njengoba i-Newcastle izodudulana ne-Aston Villa kanye nosokhaya i-Tottenham Wolverhampton Wanderers emdlalweni wokuqala ngehora lesine ntambama. Usuku luzophetha nge-Leicester ibhekene ne-West Ham ngo-6.30 ntambama.
Yize imidlalo ingabukeki ijabulisa ngokwedlulele, imidlalo eminingi inamaqembu aphakathi naseduze abhekene emidlalweni engase ibe nomphumela omkhulu ekupheleni kwesizini.
Yonke imidlalo ye-Premier League ingabukelwa bukhoma ku-DStv channel 203.
➤ Umdlalo wamanqamu weNdebe Yomhlaba wonke we-FIFA Club usufikile njengoba iqembu lase-England ne-Chelsea linethemba lokuthi umbani ngeke ugadle kabili endaweni eyodwa e-United Arab Emirates.
I-Club World Cup ihlanganisa amaqembu angcono kakhulu avela ezwenikazi ngalinye ukuze alwele isicoco seqembu elingcono kakhulu emhlabeni. I-Chelsea izobhekana neqembu lase-Brazil i-Palmeiras ngo-6.30 ntambama.
Mhla i-Chelsea igcina ukubamba iqhaza kulo mcimbi kwakunyaka ka-2012 lapho ieyahlulwa khona iqembu lase-Brazil i-Corinthians.
Lena iyona ndebe engakaze ibonakale kumashalofu aqukethe izindebe ze-Chelsea futhi abadlali bazozizwa benesibopho esikhulu sokuzimisela ukuze banqobe ngoMgqibelo.
Kodwa-ke, i-Chelsea ibingekho ezingeni elingcono kakhulu ezinyangeni ezedle njengoba i-Palmeiras izozizwa inalo ithuba lokuwina.
Umdlalo wamanqamu we-Club World Cup ungabukwa ku-Showmax Pro ngokusizwa i-SuperSport.
➤ I-CAF Champions League yaqala kusukela ngoMfumfu niacin njengoba kuqhubeka imidlalo yamaqoqo kulo Mgqibelo.
Amaqembu aseNingizimu Afrika, i-Mamelodi Sundowns naMaZulu azobe edlala kowokuvula isigaba samaqoqo kanti i-Sundowns izobhekana ne-Al-Hilal ngehora lesithupha ntambama ngoLwesihlanu. AmaZulu abhekene nenselelo enzima ye-Raja Casablanca emdlalweni wawo wokuqala ngoMgqibelo ngo-8.30 ebusuku.
Ama-Brazilians azobe enethemba lokuhambisana nemizamo ye-Kaizer Chiefs efinyelele kowamanqamu ngonyaka odlule, ihlulwa i-Al Ahly ngo 3-0 e-Morocco.
I-Sundowns izobhekana kowe-CAF Champions League bukhoma ku-DStv channel 202. Umdlalo waMaZulu ngeke usakazwe eNingizimu Afrika.
Umthombo wesithombe: @UnitedInFocus