
Lubhalwe nguRazeen Gutta
U-Group E weNdebe yoMhlaba ye-Fifa uzoya emzuliswaneni wokugcina wemidlalo ngemuva kokuthi i-Germany ne-Spain bedlale ngokulingana ngo 1-1 enkundleni yezemidlalo i-Al Bayt ngeSonto.
Ukuwina kwe-Spain sidlala ne-Costa Rica kulandelwe ukuhlulwa kwe-Germany kungazelelwe ibhekene ne-Japan emzuliswaneni wokuqala wemidlalo. Ukwengeza kulo mdlalo i-Costa Rica ikwazile ukushaya i-Japan ngo 1-0 emdlalweni wokuqala wangeSonto okudale umqhudelwano omkhulu phakathi kwala maqembu ase-Europe.
Iqembu likaHansie Flick belidinga iphuzu futhi belilidinga kakhulu ukuze ligweme ukuphuma esigabeni samaqoqo eNdebe yoMhlaba ye-Fifa kulandelana kodwa kulungile ukusho ukuthi isidingo sokuwina asizange sibonakale ngokushesha ebholeni elisezingeni eliphezulu enkundleni.
Isiwombe sokuqala besilawulwa i-Spain, kodwa umdlalo obulindelwe ngabomvu ube namagoli amancane.
U-Antonio Rudiger ushaye igoli sekuzophela isiwombe sokuqala, kodwa ifulegi bese liphakeme lokuthi ubesemhlabeni ongcwele.
Kuqale kwaba kubi kakhulu kompetha bango-2014 ngesikhathi uLuis Enrique efaka u-Alvaro Morata ngaphambi kokuthi kuphele ihora umdlalo uqalile.
Lo mdlali odlalela i-Atletico Madrid uvele washintsha umdlalo ngokuphazima kweso, washaya igoli ngebhola alinikwe uJordi Alba nokwenze i-Spain sahamba phambili ngo 1-0. UMorata ube ngumdlali wokuqala we-Spain osuka ebhentshini ukushaya igoli emidlalweni weNdebe yoMhlaba.
I-Germany nayo ijabule njengoba umdlali we-Werder Bremen uNiclas Füllkrug engene sekudlule isikhathi. Igoli lokulinganisa lifike ngesikhathi ukuze linikeze izwe elihleli endaweni yesi-11 emhlabeni ithuba lokulwa emzuliswaneni wokugcina wesigaba samaqoqo.
Womane amaqembu azothola ithuba lokuhlungela eyomkhumulajezi kanti i-Spain sizobhekana ne-Japan ngesikhathi i-Germany idlala ne-Costa Rica ngoLwesine.
Esithombeni esingenhla: i-Germany 1-1 i-Spain
Umthombo wesithombe: @FifaWorldCup