Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Sekusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuthi iNdebe yoMhlaba ye-Fifa ezoba e-Qatar iqale futhi emqhudelwaneni ngamunye walolu hlobo kunamaqembu ambalwa abukeka ezimisele ukuphakamisa isicoco.
Kulokhu kubonakala sengathi iqembu lase-South America elizowina okokuqala ngqa kusukela ngo-2002.
Ngezansi uhlu lwamaqembu angase awine iNdebe yoMhlaba:
I-Brazil:
Iqembu lebhola lezinyawo lesizwe lase-Brazili iqembu eliphumelele kakhulu emlandweni weNdebe yoMhlaba njengoba seliwine izicoco ezinhlanu kuwo wonke umlando walo.
Ngokunqoba kwayo kokugcina ngo-2002, i-Brazil ibukeka sengathi inazo zonke izithako zokuwina isicoco okwesithupha e-Qatar.
Mhlawumbe iqembu lase-Brazil liyiqembu elihamba phambili kulo mqhudelwano njengoba linabadlali abahlaselayo abamangalisayo abasizwa abadlali abadlala esiswini nasemuva.
Onozinti ababili u-Alisson no-Ederson mhlawumbe bangonozinti ababili abahamba phambili emhlabeni abazolwela indawo yokuqala.
Abadlali abadlala emuva u-Eder Militao, uThiago Silva kanti Marquinhos uzofaka ingcindezi kunoma yimuphi umhlaseli.
Kodwa-ke abadlali abafana noNeymar, uVinicius Jr, uGabriel Jesus, uRaphinha, u-Antony, uGabriel Martinelli noRodyrgo bazokwenza kube nzima kakhulu ukuthi izimbangi zibhekane nabo.
I-Brazil ibonakala ihlezi isefomini ngesikhathi seNdebe yoMhlaba kanti kulokhu kulindeleke ukuthi iphakamise indebe kowamanqamu ngomhlaka-18 kuZibandlela.
I-Argentina:
Njengoba ilandela i-Brazil ingelinye izwe lase-South America okwamanje elingompetha kuleliyazwekazi.
ULionel Messi nezwe lakhe bazakhele ubudlelwano obumangalisayo selokhu bawina i-Copa America nyakenye futhi babukeka njengeqembu eliyintandokazi enkulu ukuwina iNdebe yoMhlaba.
Yize iqembu lase-Argentina lingase lingabi nathalente njengelase-Brazil, ukuba nabadlali abafana noMessi, uJulian Alvarez, uPaulo Dybala, u-Angel Di Maria kanye noLautaro Martinez phezulu kwanele ukudlulela okungenani kumaqembu amane okugcina.
Besizwa abadlali abafana noCristian Romero, uMarcos Acuna, uRodrigo de Paul kanye no-Enzo Fernandez – i-Argentina ingase iphinde iwine iNdebe yoMhlaba.
I-France:
Ukuwina iNdebe yoMhlaba kulandelana kubukeka kuyinto engeke yenzeke kodwa ithalente leqembu lase-France lingenza ukuthi ukuwina kabili kulandelana kube yinto ekhona.
I-France inabadlali abangalisayo okubalwa kubo uRaphael Varane, uWilliam Saliba, uJules Kounde kanye noTheo Hernandez abazobe bevale emuva.
Njengoba uPaul Pogba noN’Golo Kante bezophuthelwa iNdebe yoMhlaba ngenxa yokulimala, abadlali ababili be-Real Madrid u-Ediuardo Camavinga no-Aurelien Tchouameni kuzodingeka bathwale iqembu lase-France elibuthakathaka.
Kodwa-ke, lapho i-France ingebuthaka khona isendaweni yesithathu yokuhlasela futhi akekho omunye ngaphandle kukaKylian Mbappe ongumdlali odlala phambili.
UMbappe akayedwa, unomnqobi we-Ballon D’or uKarim Benzema eduze kwakhe kanye nabadlali abafana no-Ousmane Dembele, uKingsley Coman kanye no-Antoine Griezmann abamesekayo.
Esithombeni esingenhla: Iqembu lebhola lase-Brazil
Umthombo wesithombe: @Fifa