Kamogelo Olaitan
U-Eskom welule isigaba sesine sokucishwa kukagesi kuze kube ngoLwesithathu ekuseni ngenxa yesenzo esingekho emthethweni” kwezinye zeziteshi zabo zikagesi.
Inkampani ephehla ugesi ithe ngeSonto iziteshi eziningi zikagesi zithikamezekile ngenxa yokulungiswa kanti kwezinye abasebenzi abalubhadanga emsebenzini.
Isikhulu esiphezulu sakwa-Eskom uJan Oberholzer uthe ngoLwesihlanu abasebenzi abaningi eziteshini zikagesi okubalwa i-Matla, i-Duvha ne-Medupi basesitelekeni esingekho emthethweni.
“Ezinye zeziteshi zethu zikagesi azinazo izinsiza ezidingekayo ukuze izisebenzi zisebenze ngokuphepha noma ngendlela efanele kanti abanye abasebenzi abaningi bayasatshiswa ngokuza emsebenzini,” kusho u-Oberholzer etshela abezindaba.
Abasebenzi abatelekile bavale imigwaqo eya ezikhungweni zabo ngokungemthetho eziteshini zikagesi ezehlukene ngoLwesihlanu ngokusho kwabakwa-Eskom nokuvimbe abasebenzi abaningi ukuthi bangene eziteshini zabo.
Izisebenzi eziningi nazo bezisatshiswa ngokuthi zingalinge zilibhade emsebenzini.
“Ngenxa yalesi siteleka kuphazamiseka ukusebenza okuphoqa u-Eskom ukuthi uqhubeke nokuthatha izinyathelo zokuphepha ukonga umthamo wokuphehla kanye nokuvikela izitshalo ukuthi zingaliali,” kusho lo mkhakha.
U-Eskom usenxuse ababambisene nabo kanye nabasebenzi abatelekile ukuthi babeke abantu bakuleli phambili futhi bayeke ukuziphatha okungekho emthethweni nokungahambisani nentando yeningi”.